Ihenna ejwayelekile ngudayi owenziwa ngesihlahla iLawsonia, senziwa sampuphu (powder) sihlanganiswe namanzi alamula, ushukela kanye lavender ne tea tree oils kanti ikhona emnhlophe njengoba ubona izithombe ngezansi. Ihenna wumdwebo wokuhlobisa umzimba eyenziwa ezandleni nasezinyaweni.




Yize idume kakhulu ukusetshenziswa ngabasendiya (Indians) kepha iphinde ibe ingxenye yomlando wase Middle Eastern Asia na Afrika. Ngokomlando ukwaziswa kwehenna kwafundiswa ngama Murghals eminyakeni yo-15th century AD. Ihenna isebenza ngezindlela ezahlukile nasasiko emhlabeni.
Mehndi
Ihenna okuyisi-Arabic ngelinye igama ibizwa nge “mehndi” ngelijwayelekile kuma Hindu. Abantu base India, Nepal, Bangladesh nase Pakistan baba nomcimbi (mehndi ceremony) owenziwa ngaphambi komshado wokudwetshwa ngehenna ezandleni nasezinyaweni. Uma usake waba semshandweni wamadiya noma wake wawubona uyaqaphela uthi ihenna idlala indawo ebalulekile phakathi kwamakoti nomkhweni.
Ngaphambi komshado, imehndi ceremony kuba umcimbi obasekhaya kwamakoti noma lapho kuzohlala khona umakoti nomkhwenyana lapho sukukuvunulwe ngezingubo “binalli” umakoyi efake iveil ebovu eveza ukuthi uzoshada. Ngokwenkolo yabo ukuba nsudu kakhulu kwemehndi kusho uthando olunzulu.
Umuntu odweba ihenna umele kube umuntu oshadile futhi ojabule emshandweni ukuze adlulise inhlanhla kumakoti nabanye abafisa ukushada. Kwesinye isikhathi igama lomkhwenyana libhalwa ezandleni ngehenna ukubheka ukuthi uzokwazi yini ukulibona okwenziwa samdlala. Kuningi okwenziwayo kulomcibhi wemehndi ukujabulisa imindeni yomibili ngaphambi kosuku lomshado.
Article Overview
Henna is an old body art dating back to the 15th century AD. It was taught by the Murghals. It historical part of Africa, India and Middle Eastern Asia. Henna is commonly known by Hindus as mehndi. They hold a mehndi ceremony which is done for the bride-to-be. The mehndi ceremony is an auspicious celebration for the couple that plays a significant role in their marital process.
Umthombo
Iphephandaba iThe Guardian

Zama Khoza is a Zulu content generator and media and communications researcher. She holds an Honours degree in Cultural and Media Studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).