u-Zaynura Jehan Dolley, umAfrika

Esikhathini lapho uqhekeko nokucwasana ngokubuhlanga kusachemile, thina siqhakambisa ubuhle babantu bakithi obuvela ngokuhlukahlukana. Siqhakambisa nokuthi i-Afrika igcwele izinhlobonhlobo zabantu ababona nabo leli kuyikhaya labo, futhi bezimisele ukubona i-Afrika isimama.

Ngike ngathola ithuba lokukhuluma noZaynura Dolley, ongichazele ngobu-Afrika bakhe, yize inkaba yokhokho bakhe iphesheya kolwandle. Nansi ingxoxo yami naye ngezansi, okukhulunywa yimi kubhalwe ngokugqamile:

Osesithombeni: u-Zaynura Dolley

Ungazichaza njengomuntu onjani?

Okokuqala nje, ngicela ukuqala ngegama lami. Ngingu-Zaynura Dolley, ngihlala eThekwini, ngineminyaka eyishumi nantathu (23) kanti ngenza izifundo zobummeli eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

Ngingumuntu okwaziyo ukubekezela nokuqinisela, futhi ngiyazimisela uma ngihlose ukuzuza utho. Ngingumuntu othandayo ukukuqaphelisisa ukwenza kwabantu nokuhlolisisa lokho okunobulungiswa kanye nalokho okungenakho.

Ukephi umsuka wemvelaphi yakho?

Imvelaphi yami iyingxubevange impela. Umsuka wensila wokhokho bami utholakala ezintabeni zase-Afghanistan naseningizimu yempumalanga yako-Malaysia. Kusenjalo ngingumAfrika ngenxa yokuthi ngazalelwa khona lapha e-Afrika. Kuphela nje,  wukuthi okhokho bami bahlwithwa emazweni abo, balethwa lapha ngenhloso yokwenziwa izigqila umbuso wamaNgisi.

Chaza kabanzi ngobu-Afrika bakho?

Ukuba ngumAfrika kusho ukuba ngumnqobi. Abokufika ezwenikazi i-Afrika babekuqonda kahle lokhu, yingakho beza lapha bezozama ukuzakhela impilo engcono. Kanti labo abalethwa lapha ngenhloso yokwenziwa izigqila njengamaNdiya nabokudabuka ko-Malaysia, bakwazi ukunqoba ubunzima bazakhela impilo nekusasa elingcono kunalelo ebabehloselwe lona abagqilazi babo.

Kodwa-ke okubaluleke kakhulu ukuthi labo ababecindezelwe amakhulu ngamakhulu weminyaka khona lapha eNingizimu Afrika bakwazi ukunqoba, baphumelela.

NgingumAfrika ngoba ngiyakwazi ukubhekana nobunzima futhi ngibunqobe.

Ngabe kukhona okhathazeke ngako ngezwekwazi i-Afrika?

Ngibuhlungu kakhulu ngokwehla kwezinga lokubekezelelana nangenkohlakalo esiyibona yenzeka phambi kwethu. Sesibone kakhulu emlandweni ukuthi labo ekade becindezelwe kujike kube yibona futhi manje esebengabacindeli.

Kumele thina esifundile, esiqaphelayo, esivuleke umqondo siqinesekise lawa manyala siyaqeda esikhathini esiphila kuso.

Yisiphi isifiso onaso ngezwe lakho?

Ngifisa sengathi kungaba khona ukuthelelana amanzi nokuzwana phakathi kwezizwe eziphila kulezwe laseNingizimu Afrika.

Ngifisa ukugqugquzela amaNdiya namaSulumane njengami ukuthi mabazame ukwakha ubudlelwane ngaphandle nje kwesizwe sethu kuphela. Kumele sikuqonde ukuthi siyisizukulwane okumele sidlale indima enkulu ekuthuthukiseni izwe nezwekazi lakithi. Angeke sakwazi ukukwenza lokho noma sisebenzisane nabanye uma sihluleka ukuqonda ezinye izizwe.

___________

Please find the English version of this article here

 

Leave a Comment