UThuso Mbedu uzidlele umhlanganiso

Kuhle ukubona amaciko nabalingisi bakuleli benza kahle emsebenzini wabo futhi namagalelo abo eqhakambiswa. Ezisematheni nje kulezinsuku ukuhlomuliswa kwentokazi esencane yakwaZulu ezalwa eMgungundlovu uThuso Mbedu ongumlingisi olingisa eMelika phesheya kwezilwandle. Lentokazi esencane ihlabane ngendondo ngaphansi komkhakha weHollywood Critics Association Awards ngomsebenzi wakhe omuhle. Lendondo uyithole ngenxa yendawo yakhe akayidlala kumabonakude ebizwa ngokuthi yi ‘The Underground Railroad’ nokuwumdlalo odlala ku-Amazon Prime.

Emuva kokuthola lendondo lentokazi ibe isithatha ithuba enkundleni yezokuxhumana ku-Instagram wazibongela kwiHollywood critics association ngokumhlomulisa. Ezisholo yena uthe ubonga kakhulu kwithimba le Hollywood critics association ngokumhlomulisa ngendondo baphinde batshengise ukuthakasela amagalelo akhe. Waphinde wakuveza nokuthi usekuthakasela ukuba kwi #TheUndergroundRailroad njengoba ethi kumkhulisile ukuba ngaphansi kwalomdlalo kabonakude. Akangagcini lapho, waphinde wabonga nabantu abalokhu bemeseka kulendlela yokulingisa aseyihambile. Kanti ke singakusho nje ukuthi ziyihambela kahle izinto lentokazi njengoba kungekudala kade ebekwe ekhasini eliphambili lephephabhuku elibizwa ngokuthi iW Magazine. Kuleli phephabhuku ubehluba udlubu ekhasini ngakho ukulingisa kumdlalo iThe Underground Railroad. Waphinde wathi ukwenaba kancane ngomdlalo wakhe ozayo nomlingisi osemkantshubomvu kwezokulingisa uViola Davis.

Thuso Mbedu (courtesy: Wikimedia Commons)

Kuhle ukubona intsha yesimame yakuleli ingazibekile phansi ngamakhono ayo futhi ikhula nasezintweni ezenzayo. Ukuhlomuliswa kuka Thuso Mbedu sithemba ukuthi kuzogqugquzela nenye intsha yesimame ukuthi nayo izibambe ziqine futhi ingazibukeli phansi ezintweni efisa ukuzenza. Noma emaningi amaciko akuleli aseke athola ukuhlonishwa eMelika ngezinto ezahlukahlukene azenzayo, kodwa kuhle ukubona intombazane esencane njengo Thuso ivula indlela eya phambili kwezomdlalo kamabonakude nokulungisa.

Brief Overview

Thuso Mbedu is fast becoming a force to be reckoned with in the acting industry abroad. Since her role in the Underground Railway Road series, she has received numerous plaudits for her starring role. This article discusses her recent victory at the Critics’ Choice Award for her role in the series.

Leave a Comment