UThokozani Langa odume kakhulu ngelikaSomnandi endimeni yomculo wesintu, uMaskandi/uMbhaqanga uzalwe ngomhlaka 09 Februwari 1972. USomnandi uzalelwe eMahlabathi bude buduze neDolobha uLundi, Kwa-Zulu Natal, eNingizimu Afrika. UThokozani Langa ukhiphe icwecwe lakhe lesithathu ngaphansi kwenkampani yakwa Bula ngonyaka ka-2004, kanti ke isihloko sale-album sasithi i-Protection Order. Maningi ke ama-album amenze wathandwa abalandeli bakaMaskandi futhi amenza wavelela nasemsakazweni kanye nasezinhlelweni ezifana neZodumo kumabonakude. Singabala ama-album afana ne Ipeni Nephepha yango (2005) kanye ne Lishonil’ Ilanga yango (2006). Lama-album aqokwe kuma SAMA Awards ngaphansi komkhakha weBest Maskandi Album kanye neBest Mbaqanga Album, lapho wayeqokwe kanye noBhekumuzi Luthuli kanye nama Soul Brothers

Endimeni kaMaskandi ayikho insizwa egiya yodwa esigcawini ingavikiswa ngoba ngisho nasenkanjini yenzinkomo ayibhongi yodwa emhlanjini ezinye izinkunzi zingavusi umhlwenga. USomnandi ke naye uvikisane isikhathi eside nomfokaMolo, uBhekumuzi Luthuli zakhala impela nje ingekho efuna ukugoba uphondo. Lezinsizwa zincweke nje emuva kokuba kwakuphume i-album kaSomnandi ngonyaka ka-2007 esihloko sithi Phuma kimi eyadla umhlanganiso kuma SATMA Awards ohlwini lweBest Male Artist, kanti ngonyaka ka-2020 waphinda wahlabana kuma SAMA kwiBest Maskandi nge-album ethi Iqatha eliziqobayo.
Nanka ke amacwecwe kaSomnandi
- Ipeni ne phepha (2005)
- Phuma kimi (2007)
- I-Protection Order (2011)
- Nganginemali (2012)
- Inyakanyaka (2013)
- Sathanda Ifamily (2014)
- Inganekwane (2014)
- Khozeka Mchana (2015)
- Amabrazo (2016)
- Isiqalekiso (2017)
- Upopayi (2019)
- Iqatha Eliziqobayo (2020)
Brief Overview
Thokozani Langa is a multi-award maskandi musician from eMahlabathini oLundi. His music is unique and mainly discusses life in rural areas. It is an infusion of both the maskandi genre and mbhaqanga. When listening to his music you can tell that he is a family man as his songs are about love, peace, marriage, and manhood.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).