Umjaho wamahhashi-2022 Durban July

Ibhekwe ngabovu iDurban July ozobe ungempelasonto yangezi, 2 Julayi 2022 njengoba ishaya ibuya, isiqubulo salonyaka sithi ‘Show Me the Money’. Yize izikhukhula bezisho ukuhamba neTheku kodwa iTheku lithi selimi ngomumo ukusingatha lendumezulu yomcimbi. Umjaho omkhulukazi wamahhashi, ezemfashini kanye nobumnandi kubuye ngokuphelele selokhu kwaqala isifo se-Covid 19 emhlabeni. Ike yabhekana nobunzima iKwaZulu Natali kuleminyaka emibili eyedlule, … Read more

2021 Durban July

Unyaka nonyaka ziyagezelana kwiDurban July okungumuqhudelwano wamahhashi. Lomdlalo wamahhashi uletha izivakashi eziningi eThekwini ngenxa yokuthi usezingeni lomhlaba kanti futhi kusuke kudliwe nengqephu abantu bebahle bedelile. Okwehlukile kulonyaka kuneminyaka eyedlule ukuthi kulokhu ngenxa yesimo seLockdown/COVID-19 abantu abakwazanga ukuthi bezobungaza baphinde bazibonele bukhona amahhashi egijima. Kepha kube khona laba abaqhudelana ngamahhashi nedlanzana nje Labantu. Kodwa ke lokhu … Read more