Ukuma Komuzi

Sike sathi ukusika kwelijikayo ngokwakhiwa komuzi wesintu, ukumiswa kwezindlu kanye nokwakhiwa kwesibaya semfuyo phakathi komuzi kanye nokubiywa kwawo umkhaya loyo belu. Lana ke senaba ngendaba yokuma komuzi, noma sithi nje indaba yokuthi izindlu ezakhiwe zima kanjani ebaleni. Umuzi ke wesintu uma kanje: uma ungena ngaphambili esangweni, ubhekana nezimpundu zesango nothango lomuzi, ngaphambidlana kwalapho kulandela isibaya … Read more

Imizi yesintu

Hamba minyaka zishintshe nezinto, amagugu kaZulu asefana nesithunzi sona esilandela ngemuva komhambi. Ebesizigqaja ngakho sesikubukela phansi, ubuciko bethu sebuchithwe njengomlotha ezaleni sasala sizigqaja ngokwafika nabamhlophe, sakhohlwa indlela yokwenza ngokwesintu. Leli khasi lenaba ngendaba yokwakhiwa komkhaya wesintu, noma ukwakhiwa kwendlu ngesiZulu njengoba kwakwenziwa emandulo. Phela umuzi noma ikhaya ngokwasemandulo, yindawo yokukhulisela izingane, kuyisikole sokufundisa inhlonipho nokuziphatha … Read more

Ukuqinisa umuzi

Njengoba sihlale sizwa ngokukhunkula nokuthakatha ngabadala, uma kuzokwakhiwa umuzi, kuyaye kuqiniswe isiza esibekiwe, siqiniswa inyanga belu. Ngaphambi kokuba kuqale ukwakhiwa, usokhaya unxusa inyanga izoqinisa isiza leso okuzokwakhiwa kuso, uza nayo sekuhlwile afike ayikhombise amagumbi omuzi, isibaya kanye nesango lokungena kulomkhaya, bese inyanga lena belu ifake izikhonkwane ibethela umuzi iwuqinisa. Inhloso yokubethela eyokuvikela umuzi kubathakathi, ukuvikela … Read more