UThuso Mbedu uzidlele umhlanganiso

Kuhle ukubona amaciko nabalingisi bakuleli benza kahle emsebenzini wabo futhi namagalelo abo eqhakambiswa. Ezisematheni nje kulezinsuku ukuhlomuliswa kwentokazi esencane yakwaZulu ezalwa eMgungundlovu uThuso Mbedu ongumlingisi olingisa eMelika phesheya kwezilwandle. Lentokazi esencane ihlabane ngendondo ngaphansi komkhakha weHollywood Critics Association Awards ngomsebenzi wakhe omuhle. Lendondo uyithole ngenxa yendawo yakhe akayidlala kumabonakude ebizwa ngokuthi yi ‘The Underground Railroad’ … Read more