USolwazi Phillip Tobias

USolwazi Phillip Vallentine Tobias wazalelwa eThekwini ngo-1925. Waya e-St Andrew School futhi kamuva wathuthela e-Durban High School ngo-1939 lapho enza khona umatikuletsheni ngo-1942. Lapho eneminyaka engu-15 ngisho nangaphambi kokuba aqede ukufunda, wanquma ukufundela ubudokotela ngemuva udadewabo, u-Val, owayeneminyaka engu-21, wabulawa yisifo sikashukela. U-Tobias wabhalisa e-University of the Witwatersrand’s Medical School ngo-1944, ngokuhamba kwesikhathi wagxila kwezofuzo. … Read more