Simon “Mabhunu” Sabela
Uma kuthiwa ziyophela izinsizwa kusale izibongo kusuke kukhululunywa ngezingcithabuchopho ezifana no-Simon ‘Mabhunu’ Sabela. USabela wabeka igama lakhe emagomagomeni omlando ngokuba umqondisi (director) wokuqala omnyama emkhakheni wezamafilimu eNingizimu Afrika. Le ndoda, eyayidume ngesidlaliso esithi uMabhunu yazalelwa eThekwini mhla ziyi-10 ngoMashi kowe-1931. U-Mabhunu wabangumangena kwacaca kwezifilimu nezamabonakude kuleli ngokuba ngomunye wabokuqala abakhiqiza bashicilela izinhlelo zokunandisa ngezilimi zamaNguni. … Read more