Mzumbe Omuhle
Kulempelasonto ephelile ngike ngavakashela indawo yakwaNdelu, eMzumbe, lapho kwazalelwa khona ubaba wami. Ngagcina ukuvakashela le ndawo ngonyaka ka-2010 ngenkathi sizongcwaba ubaba. Ngangineminyaka eyishumi nanhlanu kanti nangaleso sikhathi sizongcwaba sahlala usuku olulodwa. Bengiqala ukuthola ithuba lokubhekisisa le ndawo lapho kwakhula khona umzali wami. Njengomuntu okhulele elokishini nasedolobheni, indawo yasemakhaya bengiyibuka njengendawo embi engahaleleki futhi ekude nempilo … Read more