Tag Archives | izithakazelo

Umlando Wezindawo Ezadliwa Ngabamhlophe Ngempi Yamakhanda

Impi Yamakhanda yaliwa njengoba kwaziwa ukuthi yaliwa izwe lonke laKwaZulu kodwa kwagcina kuwine amaNgisi lapho aqala ukuthi ashaye imithetho yawo. Babezidla izindawo zamanye amakhosi bazinike amanye bhusende njengendawo kaLubhudlungu kaFaku. Enye ayidabula ayinikeza abamhlophe ukuba bayenze amapulazi. Wagcina ebanjiwe uLubhudlungu waboshwa, wakhothamela ejele. Abanye esingababala abahlomula ngaleyondawo ngabakwaSibisi, abakwaSithole nabakwaNgobese. Indawo yakaGezahlale noma Hlazakazi yona […]

Continue Reading

Umlando Wesibongo Sakwa Sibiya

Izithakazelo Sibiya, Sotobe, Gazu! Wena Sibiya ngenkom’ abafokazana bebiya ngamahlahla! Ndaba, Gumede, Khathi, Manyelele, onyelela njengentomb’ iy’ esokeni! Nina bakwa nkom’ isengelw’ emaweni, ingasengelwa esibayeni, akuyona eyakhona! Sikhobobo sikaMabhabhakazane! Imvelaphi yakoSotobe! Isizwe sakwaSibiya bebe ngochwepheshe ekucupheni izinyamazane, lokhu bekwenza njengento ewumkhuba nomdlalo olidumela kanti futhi nemfuyo ibibathanda ikakhulukazi izinkomo. Bebefuye imihlambi ngemihlambi yezinkomo. Lezizinkomo bebezithola […]

Continue Reading

Umlando Wesibongo Sakwa Magwaza

Abantu bakwaMagwaza baziwa ngezithakazelo zabo oNjinji, Manqondo noYengwayo. Batholakala eMthinemide eNkandla lapho kubusa khona iNkosi Mandlenkosi Magwaza eMelmoth naseMzinyathi, eNdwedwe. AbakwaMagwaza babaziwa ngabakwaMhlongo okwathi ngoba enye yamadodana akwaMhlongo imithise udadewabo yabizwa ngokuthi nguMagwaza ngoba igwaze ekhaya. UMagwaza wakhishwa emndenini wakwaMhlongo. UMagwaza uzale uLogoloza, uLogoloza uzale uNjinji, uNjinji uzale uMabhulubhense, uMabhulubhense uzale uSibude, uSibude uzale uYengwayo, […]

Continue Reading

Umlando Wesibongo SakwaZwane

Abantu bakwaZwane babizwa ngokuthi ngamaNgwe, bangamaNtungwa-Ntuli futhi badabuka enhla ne-Afrika, eMangweni. Iningi labo litholakala eHlobane ngaseFilidi, eMthezi, eMnambithi, ezintabeni zoKhahlamba nakwezinye izingxenye zeKwaZulu Natal. UZwane uqhamuka ebukhosini bamaNgwe kwaqanjwa ngaye isibongo, kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwabakhona nezinye izibongo eziphuma ngaphansi kwalobukhosi esingabala uCebekhulu. UZwane uzale uMungwe, uMungwe wazala uPhikelela, uPhikelela wazala uNsela (Ndabakansele) oyinkosana noVezi. UNsele […]

Continue Reading

Umlando Wesibongo SakwaShezi

Umlando wesibongo sakwaShezi (amaChube) AmaChube yisizwe esinomlando obalulekile KwaZulu. Imvelaphi yabantu bakwaShezi iseNkandla ngoba ingxenye enkulu yalendawo kuhlanganisa nehlathi lakhona kungokwakaShezi. Bayisizwe asisiphe ngokwekhono ngoba babesebenza ngensimbi bakha amageja nemikhonto. Endaweni yaseNkandla kunentaba ebizwa ngokuthi kukaNomachi lapho lesizwe esasiphala amadwala bawancibilikise bese kuphuma insimbi ababenza ngayo lezinto ezibalwe ngenhla. Lokhu babengakwenzi bodwa babesebenzisana nesizwe sakwaWosiyana […]

Continue Reading

Umlando Wesibongo SakwaShabalala

Contents 1 Umlando wabantu bakwaShabalala 2 Amakhosi akwaMshengu ngokulandelana kwawo: 3 Indlu kaChagwe ngokulandelana kwayo: 4 Indlu yesibili ekaMshukangubo ongumfowabo kaChagwe: 5 Indlu yesithathu ngeka Manovunga okudume ngokuthi yindlu kaNyamazane 6 Indlu yesine ngeyasebuMnyameni esePhatheni eRichmond maphakathi neKwaZulu Natal. 7 Izithakazelo zakwaMshengu Umlando wabantu bakwaShabalala Abantu bakwaMshengu baziwa ngokuthi ngaMaChagwe. OMshengu badume ngezithakazelo zabo OMavuso, […]

Continue Reading