Ukulungiswa Kwezinwele Ngendlela Yesintu
Ukulungiswa kwezinwele noma ukucwala kwezinwele kwakubalulekile emandulo ukuthi umuntu abukeke kahle. Namanje lokhu kuyabonakala kwenzeka noma sekwashintsha kakhulu kunalokho okwakwenziwa esikhathini sakudala. Esikhathini sakudala ukulungiswa kwezinwele kwakunezigaba ngabantu. Izingane zabafana namantombazane zazinezindlela zazo ezicwalal ngazo izinwele ezehlukile kunalezo zabantu abadala asebeshadile. Nokuhlukanisa abantu emphakathini ngokwezinga abakulo empilweni kwakubonakala ngakho ukucwala noma ukulungiswa kwezinwele. Yayingekho imithi … Read more