Izibongo zikaMuziwakhe Anton Lembede

Izibongo zikaAnton Lembede UMagalela ngobuchoph’ abanye begadla ngezikhali, Inkunz’ abayikhuz’ ubunzima ngesikhathi sobandlululo Ithole likaMaLuthuli elitshekedul’ epulazini lomlungu UMnumzane Frank Fell kwangabandaba zalutho. Inkunz’ abayikhuz’ ubunzima isekude Izalwe kwasuk’ ingxabano kwabomndeni Ingan’ uMaLuthuli wayesefuna basuk’ epulazini Ngob’ efuna indodana yabo ithole imfundo. Kukhul’ okwabonw’ uMbazwana ngonyaka ka-1914 Kuzalw’ iqhawe, inkunz’ ezalwe ngesikhathi esinzima Isipheth’ esiqhum’ … Read more

Izibongo zeNkosi uKusakusa kaZwelinjani

Lezi yizibongo zeNkosi uKusakusa waseMbo. Usophikaswe ithole eliphikwe abaMbo Bathi bangebuswe iwundlu Ingonyama ibidl’ amabele Bakuzonda muMbo Bayakudla bayakuphephetha Kufanele ukhule ubengangezintaba. Umthente ohlub’ usamila wakithi esiMahleni Unonkokheli okhokhel’ abaMbo behlwathiza Owan’ umlilo osha kwandaya, Naba bebasa izwe loyihlomkhulu Wawubhula ndaba kwaze kwakhalaInduna yasemgangeni uPosi wakwaNdaba. Uthi ulixoki namaxoki asoCengeni ayizwile, Indaba yenkosi ethand’ uxolo, … Read more

Izibongo zakwaNdlela

Gwabini wemikhonto, UNonjiyela kulala uhlangothi lubomvu, UManxeb’ angamanxulama, UNsingiza edond’ ukusuka, Umagaju njengengwe, Inhlang’ eyeq’ iphindelela, Kwasa bemhlaba uGwabini waphika, Unababuyel’ abangakanani, Ababuyel’ umunt’ enza ngabomu OSonyakanyaka, UManyakanyak’ oduke namaphela,USilinda maNdwandwe, AmaNdwandw’ akhawul’ amatheUMwelela kweliphesheya, UMwel’ iwele yonk intontela,UMzac’ okhomb’ amaNgwane, USiquz’ abantu koGwabini,Kuse wasala uNdlela, Yath’ imp’ ibuya,Kwasa wasala uNdlela, UNakanaka ngiyasala, Umandlan’ angangowomntwana. … Read more

Isibongo sakwaShezi

Shezi Dlaba Dlaba kamavulane Owavul’ inkandla ivaliwe Dludl’ odl’ imihlambi yamadoda, Abadludlayo bayaceba, Udlab’ akadleli phansi,  Udle’ edlodlweni Abanye bedlela phansi. Izithakazelo zisuselwa esibongweni esithile njengoba nezibongo zisuselwa emagameni abantu. Izithakazelo ziwumlando wesibongo ngasinye. Kuyenze isithakazelo sifane nesibongo sakomunye umuzi lokhu kuchaza ubuhlobo. Abantu abahlobene abaganani.  English Summary Most African surnames have clan praises. Some … Read more

Amagama esintu okubizwana ngawo

IsiZulu wulimi olujulile futhi ngendlela olunonophele ngayo luze lubonakale nasendleleni esibizana ngayo ukuveza inhlonipho nezinga lalowomuntu esisuke sikhuluma ngaye noma naye ngalesosikhathi. Amagama okubizwana ngawo aveza ubulili, ubudlelwane obakhekile, nalowo obizwayo ukuthi isikhundla anaso noma ingxenye anayo emndenini noma emphakathini. Lezindlela zokubizana zazidala ukuhloniphana, ukubumbana nokuthandana kubantu. Kwenza ukusondelana kwabantu ngemindeni nangokuzalwa kokulamana futhi. Lamagama … Read more

Ucu

Ucu lwakhiwe ngobuhlalu obumhlophe, liwubufakazi emaqhikizeni ukuthi intombi isize yahlulwa insizwa ngamawi noma isiqomile. Insizwa uma ishela intombi yayilindila emfuleni lapho intombi ikha khona amanzi. Lokhu kwakungathatha isikhathi eside, lapho intombi isivuma khona insizwa ithatha umgexo noma ibhengela lentombi iyokhombisa amaqhikiza ayo. Ngemuva kwalokho intombi yilapho kufanele yakhele insizwa ucu. Insizwa iyaluthatha ilugqoke noma ubuchome … Read more