Imvunulo Yentombazane
Intshikizane noma intombazane eneminyaka eyishumi kuya phezulu iqala ukuphuma amabele amancane. Lesigaba sibizwa ngokuhlosa, lamabedlana abizwa ngokuthi izilinga. Izilinga lezi zishaywa ugogo ngomshanelo ekhuza umhlola ziwathuka, okuthi emva kwezinsukwana ayancipha aphele. Emva kwalokho abadala bakuloyomkhaya bayabhunga ukuthi isikhulile leNtshikizane kumele yenzelwe umutsha. Umutsha lona isembatho sentombazane esencane. Umutsha uthungwa ngamaqanda esihlahla noma izinhlamvu ezimila kwisihlahla … Read more