Tag Archives | imvelaphi

Amagama asuselwa emagameni ezilwane

Ingosi yokuchaza ngomsuka wagama esizwa abantu abaningi besizwe sakwaZulu sebebizwa ngawo siyivala ngokoxoxa ngamagama asuselwa ezilwaneni. Usolwazi esimhlonipha kakhulu, uNobuhle Ndimande uveza ukuthi kubantu abangamaZulu, ukhona umkhuba wokwetha abantwana amagama asuselwe emagameni ezilwane. Ngokuchaza kukaNdimande (2001) empeleni lo mkhuba awugcini kumaZulu kuphela kodwa ukhona kubeNguni, bonke nakwamanye amazwe aseNtshonalanga naseMpumalanga Afrika. Izizathu zalo mkhuba zahlukene […]

Continue Reading

Amagama asuselwa esimweni sokuzalwa komntwana

Sisaqhuba kuyona ingosi ngokuchaza ngempande yamagama abantu ngokwesiZulu. Kulena, siveza ngamagama okuqanjwa komntwana ngokubheka isimo azalelwa kuso. Ngokuloba kukaNdimande (2001), kubantu abangamaZulu, eqinisweni kubeNguni nje bebonke, ngokwenqubo yakhona, kuyaye kube khona izinto ezingakhulumeki noma zixoxeke. Lezi zinto ziyaye zivele ngokuthi kwethiwe abantwana amagama axoxa ngazo, ikakhulukazi izinto ezifana nokukhulelwa kwentombazane ingazi ukuthi ikhuleliswe ngubani, kanjalo […]

Continue Reading

Amagama asuselwa enkolweni yobuKrestu

Ngokuchaza kukasolwazi uNobuhle Ndimande, amaZulu akholelwa ekutheni umntwana uyisipho esivela kuMvelingqangi. Umntwana uyaye ethiwe igama njengendlela yokubonga ubukhulu namandla kaMvelingqangi ekuphumeleliseni ukuzalwa komntwana. Njengasemazweni amaningi ezwenikazi i-Afrika, inkolo yobuKrestu ilandelwa izinkumbi zabantu eNingizimu Afrika. UbuKrestu bunomthelela omkhulu kusikompilo lakuleli kanye nakwezepolitiki. Impande yalomthelela wukufika kwemikhumbi yongxiwankulu kuleli ngeminyaka yo-1600. Izibonelo ke, ngokuthulwa nguNdimande, zamagama asuswa […]

Continue Reading

Amagama amaZulu

Ngabe uyazi ukuthi igama nesibongo sakho kusukaphi ngokomlando wesiZulu? Uyafisa ukwazi? Lalela-ke, uma unentshisekelo yokwazi kabanzi ngomlando wamagama nezibongo ngokwesiZulu uzoyithanda imibhalo esizoyishicilela lapha kule-website kulenyanga. Phela sizokhiqhiza imibhalo eveza umsuka wamagama nezibongo zabantu besizwe saKwaZulu. Ngamafuphi nje, ngokuchaza kukasolwazi uNobuhle Ndimande (2001), amagama anikwa abesizwe samaZulu esuselwa kuloku okulandelayo: Inkolo yobuKristu neyeSintu Isib.: igama […]

Continue Reading