Imizi yesintu

Hamba minyaka zishintshe nezinto, amagugu kaZulu asefana nesithunzi sona esilandela ngemuva komhambi. Ebesizigqaja ngakho sesikubukela phansi, ubuciko bethu sebuchithwe njengomlotha ezaleni sasala sizigqaja ngokwafika nabamhlophe, sakhohlwa indlela yokwenza ngokwesintu. Leli khasi lenaba ngendaba yokwakhiwa komkhaya wesintu, noma ukwakhiwa kwendlu ngesiZulu njengoba kwakwenziwa emandulo. Phela umuzi noma ikhaya ngokwasemandulo, yindawo yokukhulisela izingane, kuyisikole sokufundisa inhlonipho nokuziphatha … Read more