IShisanyama eThekwini
Sekuyisona isikhathi lesi sokuthi ubani nobani abhukule isidwaba sakhe azibambe ziqine ngoba isimo somnotho siyantengantenga njengoba kuyilesikhathi sikaKhuvethe nje. Abantu balahlekelwa imisebenzi ngapha nangapha kanti nekati lilele eziko kweminye imizi. Kulesikhathi esinzima kanje kuhle ukuthi intsha iqhamuke namasu okuziphilisa njengoba isimo sisibi kanjena nje. Ingakho ke kushayelwa izandla uma kukhona umuntu omusha oqala into entsha … Read more