Izibongo zeNkosi uCetshwayo

Izibongo zeNkosi uCetshwayo Uzulu laduma obala, Lapho kungemunga kungemtholo. UHlamvana bhula mlilo; Ubaswe uMantshonga benoGqelemana. Inzima lemnyama, Engabubende bezingonyama, Ibiqhutshwa uMseleni benoNgalaza; Bathi ifanele ukuyosikwa  izihlangu eMkhweyantaba. Bathi: iyekeleni ubumnyama bayo buyasabeka; Ifanele ukuyawucela imvuka kaNkosinkulu. Unqabelabantu ukudonsa; UManz’ aphuma ezimbotsheni zoMtshezi. Isiguqa esizifulele ngamahlamvu, Enqabeni kwaDludluma kokaMsweli. Umsindo okuNtilingwe ngowani? Ubangwa abaseNtengweni nabakwaKhinya; Uxokozelelwe … Read more