Mphemba

IsiZulu sakithi sithi “ukuhamba ukubona”, nami ke ngingowokusuka Empangeni kwesaka Mthethwa ngizithole ngisenhlanhleni yokubuka ngiphinde ngilalele umkenenezo omtoti weziginci eThekwini endaweni yaseMkhumbane. Iziginci lezi belu bezidlalwa yinsizwa engisondelene nayo kakhulu uLangelihle Khanyile oke wadlala kwiqembu Amachopha esike sabhala ngayo kweminye yemibhalo yoLwazi Programme phambilini. Esishaya nje umfoka Ngwane uhambisana nensizwa esimnkatshubomvu kwezomculo ubaba uMphemba ohlala eMkhumbane. … Read more

Amachopha

Amachopha iqembu lika Maskandi eliphethwe uLangelihle Khanyile ofunda e-University of KwaZulu Natal Ethusini College. Lena insizwa esikhulile emculweni njengoba amagalelo akhe ake abonakala nakuBASCO, okuyiqembu lamasiko esintu khona eThusini la akaqhubeka khona nezifundo zokuthuthukisa umphakathi. Ushaya isiginci aphinde alekelele ngephimbo lakhe kulo leliqembu njengoba esekhulile emculweni noma umculo walo iqembu ungakatholakali ezitolo zomculo kanye nokudlalwa … Read more