Mthokozisi “DJ Tira” Khathi

Uma ucabanga ngomculo weKwaito, iGqom nobumnandi eThekwini namaphethelo ngeke ushiye ngaphandle uDj Tira. Kulesi siqeshana sibheka umlando kaDj Tira insizwa ezakhele udumo kwezomculo ngokuba uDj aphinde aphathe inkampani i-Afrotainment engenye yezinkampani zomculo ehamba phambili eNingizimu Afrika.

DJ Tira

UDJ Tira ogama lakhe langempela uMthokozisi Khathi, wazalwa ngo-Agasti 24, 1976 endaweni yakwaHlabisa, KwaZulu Natali.  Wafunda amabanga aphezulu eMlokothwa High School, wafundela IHuman Resources e-University of Natal esiyashintsha yaba i-University of KwaZulu Natal.

UTira waqala ukuba uDJ useNyuvesi, waqala ukwaziwa kwezomculo ngemuva kokuwina umncintiswano weSminoff SA Dj Knockout. Wakhipha i-album ngokuhlanganyela noDJ Khabzela esihloko esithi “The Real Makoya” eyaphuma ngo Juni 2002.  Waqala wasesebenzisana neKalawa Jazzmen ngaphansi kweqembu leTzozo En Professor ngokuhamba kwesikhathi basungula iqembu noDj Sox ngokuhlanganyela bakhipha i-Durbans Finest Vol 1 eyabakhela udumo.

Ngo-2007 wasungula inkampani i-Afrotainment, wasayina uDJ Cndo owaba ngumculi wokuqala ngaphansi kwalenkampani. Ngokuhlangana kwezinto wasuka eGoli wabuyela eThekwini ngemuva kokusayina iBig Nuz. UTira usesebenze nabaculi abaningi abahlukene abanjengo Dj Maphorisa, Dj Lag, AKA nabanye. Uphinde abe ngomunye wabaculi ababambe iqhaza emkhakheni weGqom.

Ngaphansi kwe-Afrotainment uTira usayine abaculi abadumile singabala Q-Twins, Naakmusiq, Tipcee, Duncan, Joocy nabanye. UTira ubambe iqaza elikhulu kwezomculo nasekuqhakambiseni iTheku njengendawo yezokuvakasha kanye nezobuciko.

Article Overview

This article looks at the biography of DJ Tira, one of the successful DJ in South Africa. DJ Tira who had a humble beginning as he begun his journey when he won the Smirnoff SA DJ Knockout. He was first signed under Kalawa Jazzmen before he started his own company Afrotainment one of the leading entertainment and record label in Durban.

DJ Tira is known for looking for new talent and help them launch their career. He has work with the likes of many successful artists in the industry. He also plays a major role in putting KwaZulu Natal province on the map as a tourist destination.