Isiphekwe yaze yavuthwa lembiza ebiphekwe ngebhodwe elikhulu ebizwa ngokuthi iState Capture Commission ebiholwa ijaji elikhulu uRaymond Zondo. Phela lekhomishini yaba undabamlonyeni kubantu isungulwa nje ngamandla kowabe ngumvikela mphakathi uThuli Madonsela okunguyena uwayekhwezela lomlilo wale khomishana. uMnu Cyril Ramaphosa ongumongameli kuleli wethule inkulumo eveza ukuthakasa kwakhe ngoku phothulwa kwale khomishana ngoba phela ingenye yezinto ezibaluleke kakhulu emlandweni wezwe laseNingizimu Afrika.
Lekhomishane isungulwe nje ngoba bekunokukhala komphakathi ngendlela izinhlaka zikahulumeni ezisebenza ngayo. Lokhu kubalwa nenkohlakalo kanye nokusetshenziswa budedengu izimali zikahulumeni engabe zisiza umphakathi. Ziningi izigameko ezihambisane nobukhona kwale khomishana. Akugcinanga nje ngazo izigameko kepha ezinye izinkulumo ebezithulwa ofakazi bezinhlaka ezahlukene zikahulumeni ezinye zazo bezishaqisa ikhanda. Phela noma kade kusoleka ukuthi iningi inkohlakalo eyenziwa izisebenzi zikahulumeni kodwa ubufakazi obuthulwe kulekhomishana bebuthusa obunye babo.
Akukho mfula ongenanhlokomo, akusibona bonke abantu abebehambisana nokuba khona kwalekhomishana noma kade bekhona abeneme ngayo. Abanye abantu bebekhala ngokuthi kwayona lekhomishana iyindlela yokudla imali kahulumeni okungabe kwenziwa ngayo izidingo zabantu. Phela lekhomishana kusetshenziswe imali eshisiwe kuyona ukuze iphothulwe, manje ke umphakathi ukhala ngokuthi lezigidigidi ngabe zenze lukhulu ezimpilweni zabantu. Abanye bathi kube kuhle ukusungulwa kwalekomishana ukuze laba abakhwabanisa izimali zikahulumeni basale obala njengezinqa zesele. Kwethulwa inkulumo mayelana nokuphothulwa kwalekhomishana uMongameli uncome ukusebenza ngokuzikhandla kukaMmeli Justice Zondo nethimba losolwazi akade esebenza nabo, waphinde watusa noku sebenza ngokuzinikela kuka Solwazi Mosala.
Brief overview
The Zondo Commission report has been released to the public following its completion. The commission has been the most talked-about subject since its inception as it aimed to root out corruption in government. The commission has been both criticised and commended by the public so the release of its report comes with much anticipation from the public on its contents.