Ladysmith Black Mambazo

Ladysmith Black Mambazo

Lonyaka siwuvule kahle ngezindaba ezimtoti ezithinta iqembu lomculo womdabu elibizwa ngeLadysmith Black Mambazo elihlabane nge-Grammy Award ezweni laseMelika obesekuyindondo yabo yesihlanu kulomkhakha ewunqobe kuqhathwe izingqungqulu ezikhiphe ulozolo lecwecwe elimnandi. Leliqembu elicula isithamiyo noma ngamafuphi mbube, lasungulwa ubaba uJoseph Mshengu Shabalala ngonyaka ka1960 kanye no-Albert Mazibuko.

ILadysmith Black Mambazo idume umhlaba wonke futhi iyahlonishwa ngamagalela ayo, phela leliqembu selikhethwe amahlandla ayishumi neshumi nane (19) kuma-Grammy Awards, okusho lukhulu ngamandla aleliqembu laseNingizimu ne-Afrika esiziqhenya kakhulu ngalo. Leliqembu selike laphinde laqhathwa nezinye izinkunzi njengoba lakhala ngaphansi kancane kuma-Academy Awards, okuyila elaliqokwe khona kanye nakuma-Emmy Awards. Singakusho singananazi ukuthi ezwenikazi lase-Afrika ilona qembu lomculo wesintu elizibhulela amahlanga ngoba lihlonishwa umhlaba wonke.

Ezika bab’ uMshengu zihlomule ngecwecwe elibizwa nge “Shaka Zulu Revisited”, njengoba likhumbula iqhawe likasSenzangakhona uNodum’ ehlezi kaMenzi. Njengesizwe sikaZulu esiziqhenya kakhulu ngaleliqembu sithi sibachoma uphaphe legwalagwala ngokuhlabana kwabo nge-Grammy, kithi kusho lukhulu ukubona iqembu lesintu lindizisela ibalazwe lakuleli emhlabeni wonke jikelele. Sithi baqhubeke nomsebenzi omuhle wokubeka ibalazwe lakuleli phambili.

Brief Overview
This article is a tribute to Ladysmith Black Mambazo for winning their fifth Grammy Award with their album entitled “Shaka Zulu Revisited”. As a nation we could not be more proud for this great achievement and we are saying let them continue to raise our South African flag high and not forget to mention their will to continuously strengthen the pride of us people from KwaZulu-Natal at an international level, as their music is respected worldwide.

Leave a Reply