Kunzima emhlabeni

Lo myalezo ungowakho wena mzali ovuka zinsuku zonke, uyosebenza. Lalela wena ozama ukwakhela imbewu yakho ikusasa eliqhakazile uyazeka futhi uyobonakala kubantwana bakho.

Izithukuthuku zakho zingefaniswe neze njengesenzo sokuthela amanzi emhlane wedada. Qhuba indlela osuyiqalile, yiba isibonelo esihle phambi kwabantwana bakho.

Kungabonakala sengathi konke kumi ndawonye, kodwa ungadikibali umdlandla, isikhathi siyahamba kanti nembewu iyakhula. Funda esimweni seZulu ukuthi konke kunokuguquka.

Sekuzeduze ukuthi uvune konke okutshalileyo. Izinkinga zezimali, obudlelwano obukhungethwe izivunguvungu phakathi kwakho nalabo osondelene nabo kabunasabelo ekunqandeni izibusiso ezibekelwe wena.

Thobisa inhliziyo, ube nethemba, ungakhathazeki kakhulu ngekusasa.

Qonda ukuthi into engenza ube nekusasa elifadabele wukudela konke okuhle okwenza manje. Lokhu kusho ukuthi wadela okuhle okwenza manje, wamosa ikususa elinengcebo yothando nenjabulo.

Ngakho-ke qhuba ngegiya elihle, lona lelo eliyisibonelo esihle phambi kwembewu yakho. Qhubeka ngaleyo ndlela, impela kuyokuhambela kahle noMdali uyobona.

Awuke uzwe, umntwana u-Zoliswa Mchunu, umntwana ocula ngokubona ubunzima abazali ababhekana nabo.

Qiniseka-ke ukuthi uma umntwana ebona izithukuthuku zomzali kodwa ahluleke ukubonga, uyobe enesibindi esiqalekisiwe kanti nasendleleni yakhe uyokukhumbula lokhu.

Brief overview

The above article, written in IsiZulu, encourages parents to be good role models to their children. It is accompanied by a recorded performance of Zoliswa Mchunu, a Durban-based artist.

Leave a Comment