Umculo wesintu ikakhulukazi lona kaMaskandi noMbhaqanga ubudume kakhulu ngokuthi umculo wabantu abangancwadile. Nakho lokho ke bekungekho kude kangako neqiniso ngoba uma ubuka emlandweni walomculo maningi kakhulu amaciko angenazo iziqu zemfundo ephakeme. Kulawo maciko abanenhlanhla yokuya esikoleni wona ke iningi lawo lagcina ebangeni leshumi esikoleni. Ngeke nakhona kugxekwe ukungafundi kwamaciko amaningi ngoba phela wona aziphilisa ngamakhono awo abathembele emfundweni ukuze baphile. Kubukeka sekushintsha kodwa lokho ngoba manje amaciko aseshintshile indlela acabanga nenza ngayo. Sikhuluma lezindaba nje umculi odume kakhulu kulendima uKhangelani Sodubula Mhlongo uveze ukuthi usebhalisele ukufunda esikhungweni semfundo ephakeme. Noma eke wahlonishwa ngeziqu zobudokotela kepha wayehlomulelisiwe ngazo engazifundelanga.

Ekhasini lakhe laku-Facebook naku-Instagram ukhiphe isitatimende sokuthi useqhubezela imfundo yakhe. Usodubula wayegcine ebangeni leshumi, manje usebhalisele izifundo zobummeli esikhungweni semfundo ephakeme i-University of Johannesburg. Baningi abasigqugquzele lesi senzo sakhe sokuthi aqhube izifundozakhe. Maningi amaciko esintu avulwe amehlo ukufika kwesifo sokhuvethe ngoba phela lesifo sifike kwavalwa imicimbi amaciko adla ngawo. Lokhu kwenza nalawa abangabeke lutho ethala babona ukuthi kukhona ezinye izindlela okumele benze ngazo ukuze bephile. Okunye okuhle ngesenzo sikaKhangelani ukuthi njengomuntu osemehlweni abantu kuyisenzo esihle ukuthi akhombise laba abamlandelayo ukuthi imfundo ayikhulelwa. Emculweni wesintu abalandeli baya kuthakasela ukwenza izinto ezithandwa amaciko abawalandelayo, ingakho uma iciko lenze into enhle bayabukela baphinde balandele beyenze leyonto.
Brief Overview
It has been a trend over the years that Maskandi musicians do not enrol in institutions of higher learning and that they are often seen as unedcuated. However, an emerging trend is that some artists in the genre are now realising the importance of tertiary education to further their studies. This article is about Khangelani Mhlongo who enrolled at University of Johannesburg in Bachelor of Law but was awarded an honorary doctorate.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).