Izithakazelo

Want to know more about your family surname or izithakazelo?

Look no further than Ulwazi where we have a whole category dedicated to it!  This includes the History of the Khuzwayo surname, the History of the Shange Surname and the History of the Bhengu surname.

39 thoughts on “Izithakazelo”

  1. ngicela ukuhlobana kuka Mthiyane no sokhulu no dlabeya Ntshemba
    okwesibili

    Izithakazelo zakwa Thwala – nezihlobo

    Reply
  2. Ngicela umlando wakwa MTHONTI inzala bantu ukhokho Sigananda

    Mthonti othontisela izithombo ngegazi labafokazana; ulima amsaimu ngenhlendla;uhlakule ngesizenza wena omba amathuna ngesijula; uwagqibe ngesithende anani ngoba alele abafokazana ngalo kazidinwa ukubhokdoa izinhlangothi zabafokazana wena ophendula iklwa ulenze udodndolo lokuvinyelela; abanye bedondolozela ngezimboko ; Lamulaaaaa Sokhela ngempepho abanye bokhela ngezihlonti Mwelase ongawelezi ngazibulo owela ngempambosi zomfula; Mpangaziiithaaaa ka Ndlobane uzinyane le Silokazi; ucombela kwelayizoloumdaka ongomi usula udaka ngolunye; wena kasgawula mthunzi; tshani obuhle obuhle obungadliwa zinkomo yabudla sabona umswane ngamehlo, Slashwa ngovemvane wena kamagalela agoqane njenge ngonyama Ndlobane Magwaza ngobhokwane abanye begwaza ngemikhonto;ntamo kayidinwa iziqu zimhaqa emuva naphambili

    Reply
  3. Hey guys, we’ve added your requests to the list our community journalists are researching – stay tuned!

    Reply
    • I’ve learned throughout history that we,the Nhlapo actually came from Natal, present day Kwazulu Natal.
      We’re many of of us in Lesotho, ha Belo in Botha Bothe.
      Amongst our ancestors, Mhlagakala (Mhlakala) features quite prominently as he never made it to Lesotho, and his grave can be traced in Mpizikazi Mpumalanga.

      Kindly shed some some light as to where we should go in our effort to trace our ancestry.

      Warmest regards,

      Mohamed Nhlapo
      (+266 50807765)
      aziznhlapo@Gmail.com

      Reply
  4. I m now busy re-writing the book uNhlapo Nezakhe which was first written by Jacob Mfanekiswa Nhlapo

    cell: 0727226635

    Reply
  5. ndicela ukwazi ngesibongo sakwanhlapho endikwaziyo ukuba ndingu nhlapho mankumbuza sigegede sakwa lokothwana mqalumde kezinye intaka……..

    Reply
    • nazi ezinye esizitholile ukwengeza kulezo zakho

      Sgegede
      Abadl’ umhlehlo kadadewabo
      Bath’ ibhadakazi
      Abangaweli ngezingubo
      Abawela ngesihlengethe
      AbakwaLuvuno
      Mvelase!

      Reply
  6. E Mbonane, E Mwelase, E Sigegede, E Nongombili
    Izigegede zakwa –Mathole
    Ezadla umka-dadewabo
    Zathi kananyongo kanamhlehlo,
    Umhlehlo ngu-Bhabhakazi.
    ”Mabekwa ngegazi”.
    ungumanxeba aludwendwe njengomthimba
    ezingaweli ngezibuko eziwela ngesihlengele somfula”
    Wena Mlambo-a-Mavundla
    Mveli ka Mavundla noMdlasomo
    UMfutshane ungubo-zinyathelwayo
    Ingane nezabade ziyanyathelwa
    Kwabo-Mveli akuvalwa ngomvalo
    Kuvalwa ngamakhand’amadoda.
    Wena wakwa-Nonhlanhla;
    Isiboshwa ngamagoda siwadabule;
    Isihlahla sika-Mdlasomo
    Babasigawula siwaqand’amazembe
    Waya wazidla eDlomadlomo
    KaNdlovukayisitheli.
    Zaya zabuya naMagunya
    NeziNtethe naManqoba
    Anqoba iZinyathi zikaMswazi.

    Esinye sezithakazelo zakwa Nhlapo

    Reply
  7. 12 Phezu Kwethuna lika-Mama.
    Naku lapha ngimi khona
    Naku lapha ngikhalayo
    Naku lapha elele khona
    U-Phahlakazi okaMdingi
    U-Mdingi oka-Khabangobe,
    U-Khabangobe oka-Maphanga.

    Nxa ngiphezu kwethuna ….
    Ngiphezu kwethuna lakho,
    Ngikhumbula eyadlulayo
    Eyakeyabakhon’imihla,
    Nxa wabangumthi wethu,
    Nxa wawusihlangu sethu.

    Sokuphela nje, ntombi ka-Mdingi na?
    Buphele nya ubuso bakhe na?
    Lithule nya izwi lakho na?
    Thina abakholwayo sithi: Hhai
    Sobuye sibonane kwelizayo
    Singasoze sibuye sehlukane.

    Lala phahlakazi lala.
    U-bakhulisil’abant’abakho,
    Athi amaBhunu
    Ozoyigwabula uyakuyizuz’indaba.
    Wafika umtaka Ndaba wayigwabula,
    AmaBhunu awethwala umlomo.
    Bantu gijimani ngazo zonk’izindlela,
    Niyotshela abantu,
    Ukuthi uMagadlela
    AnoMakhunga Nyathikazi-a-Mlambo,
    Ukuthi umtaka Ndaba
    Useyekele insangu notshwala,
    Sowuqaphele ukubusa nokumangala
    Ngokukhalela intandane
    Zikayise ezasalenkambeni.

    UMadabulimpi kabili
    Wayinika iDzigwane
    Wayinika iSibothwane
    Kwabuya imikhonto
    Kwabuya izibhamu;
    Asazi izophela nini.

    UZulu laduma emahlathini eGoda,
    Laduma lawuphambanisa umbani,
    Lamwalaza uSinandi
    Lamyekelela ukwaliwa nokuvundana

    Khula mtaka NaCindi
    Uyindlandlama uyisiminya
    Uyinkanyezi ethwasel’eMpumalanga.
    Wena mpondo zamil’ekatini
    Noma zazimile enkomeni
    Kwakuya kuzwakala.
    Wena ngqwabi zihamba amahonyahonyana.

    Wena nkomo zabala umbala wonkana,
    Ngoba zabala ubunkonekazi
    Zabala ubuwasakazi
    Zabala ubuhlophekazi
    Zabala ubumpevukazi
    Zabala ubunzimakazi.

    Reply

Leave a Reply to bheki mayaba Cancel reply