Nina besikhakha
Somfo waseMabheleni
Owaphum’ umdlwembe
Wahlala ezizweni
Wacoshwa zinsizwa ezinkomeni
Zamlalis’ endlini yesalukazi
Wagcin’ isigujan’ esinamanzi
Waphehla kwaphuphum’ ingwebu
Isalukazi sabika kumnumzane
Izinsizwa zalunguza ngemifanti
UMbhele wayicaz’ imithi
Wathunywa ukub’ achel’ impi
Wenqab’ ihawu walwa ngomkhonto
Amabuth’ agwaz’ izithunzi namabhece
yanqotshwa kalul eyezitha
Kwangafa namuny’ emabuthweni kaMbhele
Ayahlanganisw’ imilomo
Ngomfo wesikhakha
Kwathiwa nguSikhakhana
Ngob’ engumfokazana
Waphembek’ umuzi kaSikhakhana
Mathula!
Mbhoma!
Mqhele!
Nzimase!
Zihashwa nguNdlaphuza
KaMfinyeli kaSikhonyane kaNgugwana
Waphesheya kweNkwali
Oqhubeka athi
Nina beNkonazane
INdimndwan’ ephandela ngoqhoqhoqho
Inkomo kayikhalang’ ihlatshwa
Yakhal’ isihlahlelwa.
By: Mbusiswa Zuma
Source: Izithakazelo Nezibongo ZakwaZulu by ET Sithole