Phahla!
Ndlovu kaKhuba!
Gawozi kaSilwane,
Khuba!
Mnukwa!
Tetemane, wena wendlov’ enamandla,
Phahla elinhlokonhle!
Wena kanomasikisiki!
Wena wenyoni eyasindwa isisila sayo!
Sgqoza esimlom’ ubomvu
Mbuyazwe, Mdungwane ongalo ncane
Umlando wabo
Abantu bakwaMpungose banomlando omkhulu obambekayo esizweni saMaZulu. Umqambi walesi sibongo nguyena uMpungose uqobo lwakhe. AbakwaMpungose baphuma kwabakwaZungu ngoba uPhahla wabe engowakwaZungu. Kungathi uphuma kuGwabini owabe ezalwa nguBaphephezi.
AbakwaMpungose bangamaNtungwa Nguni. Ngelinye ilanga kwakunesifo kwaZungu, ngesikhathi sekuyofihlwa, kwatholakala ukuthi uzalo lwakhona kaluphelele, kubalwa nendodana kaPhahla. Kwaze kwenziwa nehlambo bengabonwa labo abebengekho. Sekuqedwe konke, base beqhamuka laba abanendodana kaPhahla , beholwa yiyona. Ngenxa yokuthi bafika sekwenziwe konke, umndeni wanquma ukubahlabisa, noma wabahlambulula ngenkomo empunga.
Leyo ndodana kaPhahla ngenxa yokuthi iyona eyabe ihola lababantu, yabe seyibizwa ngokuthi nguMpungose ngenxa yakho njalo ukuhlanjululwa ngenkomo empunga. Abantu labo babe sebebizwa kanjalo baba ngabakwa Mpungose ngenxa yendodana kaPhahla.
Base bephuma kwaZungu sebeba nesibongo sabo esizimele, behambisana noPhahla. UPhahla simthola esakhe eThalaneni, eNkandla maphakathi neKwaZulu Natal. Umuzi wakhe wawubiza ngokuthi kus’ oYengweni. UMpungose kaPhahla kungathi wayelusa izinkomo zikaMalandela kaLuzumane emzini wakhe oDwini, eMandawe ngakwaMaqhawekazi Eshowe. Eseya kwaNobamba, wahamba naye uMpungose. Laphaya eThalaneni wayakhelene nabantu bakwaSikhakhane nabasemaChunwini, nokuyimanje bukhona ubukhosi bakhona kwaMpungose. Abanye basuka bayokwakha eNhlazatshe, beholwa ngoNdlovu kaKhuba. Ngesikhathi sekubusa iSilo saKwaNodwengu uMpande, sanika uSilwane kaNdlovu indawo yabantu bakwaXulu eMfule ngaseMelmoth kwenyuke kuze kuyoshaya eMfolozi eMhlophe.
Kwathi ngesikhathi sebeholwa nguGawozi kaSilwane, banikezwa indawo yabantu bakwaQwabe eMlalazi. Njengoba sekushiwo ukuthi basala abanye bakwaMpungose eThalaneni eNkandla izindlu zakhona zehlukaniseka kanjalo ke, ekaSiyunguza iseNkandla, ekaSilwane iKwaNomaqoni eShowe, ekaNgobozane iseMahlabathini , oNdini lapho khona uNgobozane wakha umuzi wakhe waseDlomodlomo lapho sekuse sigcemeni kwa A namuhla, kwenabele eMthonjaneni lapho kukhona ikhohlwa lakhe uNgobozane, eSaholeni.
Abantu bakwaMpungose banobuhlobo obude babantu baKwaZulu njengoba phela uNozidiya owayegane uMalandela, futhi ongunina kaQwabe noZulu, wayezalwa kwaMpungose. Yingakho nje uthola ukuthi abantu bakwaZulu nabakwaMungose babengahlukani, neSilo sakwaNodwengu yingakho sabanika izwe. Nangesikhathi kubusa isilo sasoNdini uCetshwayo, uNgobozane wethembeka waze wahamba naso siya phesheya kwezilwandle eNgilandi nabanye abakwaMpungose abaseMsinga. Bonake basuka kwelase Nkandla ngesikhathi sempi yabantwana besilo uMpande, uMbuyazwe noCetshwayo eyabe iseNdondakusuka ngowe 1856.
Labo ke babe ngasohlangothini loMntwana uMbuyazwe. Bona ke bakwaMajozi khona eMsinga. Bazalwa nguMdungwane ozale uWahla, yena wazala uMakhalembube, uMngoma noManyensimini. UManyensimini yena nozalo lwakhe basuka kuleya ndawo yakwa Majozi bayokwakha kwelaseMahlabathini endaweni yakwaNyoni, kuNtabankulu eNhlungwane. Kuyona lendlu kaMdungwane kuphuma noma kuzalwa uMnu Norman Sihlobo Mpungose owayengumphathi waMageza Amahle, iqembu lomculo kamaskandi.
Ukwelamana kwabakwaMpungose
UPhahla wazala uMpungose owazala uMlaba ozala uSokhonkwase, yena wazala uTetemane noNdlovu. UTetemane wazala uSinuku owazala uBhulu-ngwane, yena wazala uNoncenge. UNdlovu wazala uSilwane owazala uGawozi, uSiyunguza noNgobozane.
Indlu yakwaNomaqoni aMlalazi eShowe
UGawozi wazala uMbango yena wazala uSiphoso, owazala uMntuyedwa. Bese kuthi uMntuyedwa wazala iNkosi uSiphesihle engasekho, sekukhona ibamba lakhe inkosikazi yayo uLily Busisiwe Mpungose.
Indlu yaseYengweni eThalaneni, eShowe kwaZikhali
USiyungu wazala uSilwane II, yena wazala uZinyongo, owazala uMgoqozi noSalakuthinta (owake wabambela inkosi uBantubalingani isencane). UMgoqozi wazala uBantabalingani, yena owazala inkosi uZakhe.
Indlu yase Dlomodlomo eMahlabathini, oNdini
UNgobozane wazala uMaqeyana noGodlumkhonto, uMaqeyana wazala uKhalelumuzi, uSakhiseni noMandlenkosi. UKhalelumuzi wayeyinkosana kodwa washeshe washona. Kwase kuthi ubukhosi base buya kumnawakhe uSakhiseni naye ngeshwa washona ezale inkosana uSiqheke wakwaMagwaza. Ngesikhathi esemncane, wabanjelwa nguyise, naye osewashona. Manje sekubusa uSiphesihle njengenkosi elindele ukubekwa ngokusemthethweni yiSilo esibusayo.
Indlu yaseSaholeni- ikhohlwa likaNgobozane
UGudlumkhonto kaNgobozane wazala uBhulingwe yena owazala uSoqhuzu, uSoqhuzu yena wazala uSipho.
By: Mbusiwa Zuma
Reference: Ilanga Newspaper, Ngisho Wethu.
Kunabantu bakwa Mpungose eMlalazi eShowe esibathola behlala eNtendeka ezweni lika Ngobozane….bavela kanjan kulo mlando ngibona bengabaliwe
Sawubona, anginalo ulwazi ngakho-ke sizocela abanye abasebenzisi bale-website ukuthi mabe nalo baphendule umbuzo wakho.