Izithakazelo Nomlando WakwaMpanza

Izithakazelo ZakwaMpanza
Thabekhulu!
Wena owawela ngezimpambosi zemifula.
Mavundla!
Nina bendlondlo eyaluma uJob’ esiswini
Siwela!
Kwaze kwasa uNomagaga ezisont’ amathumbu
Donda!
Nina bakaCakath’ indoda ngomkhonto
Sandanezwe!
Magagamela!

Abantu bakwaMpanza baphuma kwaMthethwa, bangamaLala Nguni njengoba sazi ukuthi abantu bakwaMthethwa bayiwona. Sithola ukuthi enye yamadodana kaKhayi yanquma ukushiya yalandela abanye abakubo okunga bakwaMasondo, abaya kwelaseBaqulusini eVryheid. Leyo ndodana yahamba nabanye ngoba kwabe sekudlala indlala futhi base bezwile ukuthi bayothekela bazobuya futhi. Njengoba wahamba eyokwenana (Mpanza) wabe esebizwa ngokuthi unguMpanza, nabantu ayehamba nabo kwabe sekuthiwa abakwaMpanza.

Ukujula nokunotha kolimi lwebele lesiZulu, namagama anezincazelo ezifanayo, lokhu kuvela nangokuqhamuka kwezibongo. Njengoba ukwenzana nje kusho ukumpanza. UMpanza kaKhayi waphuma kwaMthethwa nalabo ayehamba nabo, baphuma ngehubo kubo. Okusho khona ukuthi manje ihubo labo selehlukile kwelakwaMthethwa. Ihubo abaphuma ngalo lithi “Ngiyokwehlela izizwe yebuya Ndandwe konakele.” Abavumayo bathi: “Yemaye! Yemaye!”

Kungathi uMpanza nabanye babuya kwelaBaqulusi bayokwakha lapho kuhlangana khona umfula iMfolozi eMnyama neMhlophe, abantu ababakhe lapho kwabe kungabakwaZungu. Wafika lapho uMpanza wakha umuzi waseZixeni ngaphansi kwentaba uNomu. Wayeseba nguMpanza waseZixeni. UMpanza waba nogazi kubantu bakwaZungu, okungangokuthi nabantu basekudeni babeya kuyena ngoba wayephatha amakhambi okwelapha. Uhlale lapho wagcina eseyinkosi. UMpanza uzale uThabekhulu, yena owazala uBhejane, yena wazala uHubhu (owaba yinyanga) yena wazala uMdibanodlabantu (omdala futhi owabe eyinxele) noSandanezwe (omncane).

Ngemuva kokukhothama kukaHubhu, indodana yakhe uMdibanodlabantu akavumanga ukuthatha ubukhosi ngoba wabe eyinxele. Wathi ngeke abuse abantu bakayise eyinxele. Ubukhosi bathathwa ngumnawakhe uSandanezwe. UHubhu ubeyinyanga ngesikhathi uShaka ekwaMthethwa, ngathi imithi yakhe uHubhu imsizile ngokuthi yeleke iNkosi uSenzangakhona ukuze igule bese eyakhothama ukuze uShaka athathe ubukhosi baKwaZulu.

Nayeke uSandanezwe ugcine eseyinyanga elandela uyise. USandanezwe kuthe sekubusa isilo uShaka, wasisiza ngemithi ngemuva kokuba uZwide kaLanga esesibize ngebhoxongwana likaDingiswayo. Imithi yakhe uSandanezwe yamsiza ekutheni anqobe izimpi iSilo uShaka eyazilwa noZwide ngoba unina (uNtombazi owayeyisangoma) wazi imithi ngalendlela exakile, ukwazi ukukhomba isihlahla ngomunwe some khehle sibe umlotha.

USandanezwe wabe esekhomba isihlahla ngomunwe soma saba umlotha. Wathi uShaka makathathe lowo mlotha ayowusebenzisa entelezini, kuchelwe ngawo amabutho aphinde azihuqe ngawo. Njengoba sazi ukuthi leyompi yokuqala eyabe iphakathi kukaZwide noShaka yayiKwaGqokli (kwaQoka) eyesibili yaba semathafeni eMhlathuze ngaseNkandla maphakathi neKwaZulu Natal kwenabela koLangwe ngaseMfanefile eMelmoth.

Ngemuva kwalezo zimpi, iSilo uShaka sithumele inqwaba yezinkomo kuSandanezwe ukumbonga. USandanezwe kaHubhu wahamba wayobonga izinkomo KwaZulu. ISilo uShaka sambuza ukuthi kuze kuthiwe nguSandanezwe nje wayande naliphi lona izwe. USandanezwe walikhomba izwe lakhe ngaphesheya kweMfolozi eMnyama. UShaka ubuye wambuza ukuthi uyise uHubhu wake wamtshela yini ukuthi wake wamthwalisa isikhumba senkomo kade bebuya ukuyokweshela. USandanezwe waphendula wathi iSilo uShaka masimumbe bese simbuza ukuthi wayekwenzelani lokho. UShaka yamdina leyo mpendulo kaSandanezwe. Kwabe sekuwukunyamalala kukaSandanezwe, akaphindanga wabonakala.

Ukushintsha Kwesibongo Ngokuzithakazelo
UShaka yamdina leyo mpendulo kaSandanezwe wadonsa umkhonto wakhe ethi uyagwaza wavele wawela ethangeni likaSandanezwe. USandanezwe wasuka wanyamalala, akaphindanga wabonakala KwaZulu. Abantu baSandanezwe njengoba babengekho besebuThonga beyofuna umdlebe njengomyalelo kaShaka, kababange besabuya njengoba kwase kunengxabano phakathi kwakhe noSandanezwe. Abazange besawuhambisa umdlebe kuShaka. Babe sebewutshala phezu komfula uThukela namanje usekhona lapho.

UShaka wathi mabahlaselwe abantu bakwaMpanza ngenhloso yokufuna uSandanezwe nezinkomo. Izinkomo lezo zanele zababona zavele zangena emfuleni iMfolozi, kazizange ziphinde ziphume.

UShaka wabaduba abantu bakwaMpanza wathi akasabadingi. Amabutho akhe abuza ukuthi ayobabona ngani ngoba bayafana nabantu bakwaMthethwa. Uthe ayobabona ngamanhlonhlo, izinwele zabo zibomvana. Bagcina abantu bakwaMpanza sebesishintshile isibongo sabo sebezibiza ngezithakazelo zabo noma ngamagama amadodana akhona. Abanye babaleka nezwe lonke.

USandanezwe wabaleka wayokwakha eNkandla maphakathi neKwaZulu Natal lapho wazibulala ngokuziphonsa esiweni samanqe ebalekela impi kaShaka. Babaleka abanye bayofika eMozambique naseSwaziland lapho abanobukhosi khona njengoba nendawo eyaziwa ngokuthi kukwaMpanza North West, eMzinto, eMahlabathini naseMzimkhulu.

Uzalo lukaSandanezwe
USandanezwe uzale uNonzala owakha umuzi kayise waseManyiseni, uNonzala wazala uSomanga owakhulela emzini waseNxebeni eDondotha wayeyibutho loKhandampevu. Lolu zalo oluselaDondotha ngolwakhe uSomanga.

Abanye oMpanza
Kunabanye oMpanza bakhe uSandanezwe abasemzini wakwaMpanza abanye bathunjwa yinkosi uZibhebhu kaMaphitha ukuba bayokulwa empini yaseTshaneni, bacgina besale kuyona leyompi. Labo ke nguMkhiwane noHemiyane. UMkhiwane uzale uNatho yena wazala uMajaji noMfanubomvu (James).

Ukulamana KoMpanza:
UMpanza uzale uThabekhulu, ozale uBhejane yena wazala uHubhu ozale uMdibanodlabantu noSandanezwe. UMdibanodlabantu uzale uNdwangumbana yena ozale uMlanengwe ozale uGawushaza ozale uNdabazonke ozale uPhongokwakhe.
USandanezwe uzale uNonzala wazala uSomanga.

Izibongo eziphuma kwaMthethwa
Mavundla, Ntshakala, Siwela, Donda, Mofokeng nezinye.

English Summary
These are clan praises and the history of Mpanza people.

By: Mbusiswa Zuma
Reference: Ngisho Wethu. Dumisani Mazibuko. Ilanga Newspaper

2 thoughts on “Izithakazelo Nomlando WakwaMpanza”

  1. Umkhulu izala ubaba wayeqhamuka e Zambia lapho azalelwa khona. U baba wakhe wabaleka kwa Zulu washona kulelo lizwe. Kalibaliwe izwe lase Zambia kumazwe abantu bakwa Mpanza babalekela khona

    Reply

Leave a Comment