Izithakazelo
Madonsela!
Mtimande!
Gayede!
Mgosa
Lubambo lunye
Zingaba zimbili zifuz’ekhabonina,
Masango makhulu nawabantu kunawezinkomo,
Nina bakwaMalambule
Okwath’ uMalambule ebanga noMswati nathi “Malambule phambili”,
Mgwadla emabhudle,
AbakwaSishosho
Abadina abakhathelele
Abazindlu nezindlwana,
OMngayi ohlala ngaphansi
Kwesihlahla somhlonhlo.
Imvelaphi yabantu bakwaKunene
Inkomba yokudabuka kwabo isho eSwazini. Khona laphaya eSwazini baphuma kuMalambule owayebuye abizwe ngoMngayi. Yena ke uMalambule wabe engumnewabo weNkosi uMswati owayezalwa endlini enkulu yakwaDlamini neyaziwa ngokuthi ngeyakwaKunene.
Inkosi uMswati wayezalwa eNdlunkulu eyabe yaziwa ngokuthi iLilangeni. UMalambule nguyena owabe ebambele umnawakhe uMswati isihlalo sobukhosi. Ngesikhathi uMswati esekhulile esefuna ukuhlala esihlalweni sakhe, uMalambule wabe engasafuni ukusuka base beyaxabana, bagcine ngokulwa kubangwa isihlalo kodwa uMalambule wehlulwa.
UMalambule wasala kuleyompi ayeyilwa nomnawakhe, iNkosi uMswati. Inkosana yakhe uMalambule okwabe kunguSigweje yasinda kuleyompi, yashushumbiswa ngesilulu isiphuma eSwazini ngoba phela ukuba yatholakala ngabe yabulawa nayo. Wabaleka uSigweje nabantu bakhe baze bayofika kwelaKwaZulu. Bathi befika kwelaKwaZulu bekhuleka bathi, “Nina beKunene kwelive Mthimkhulu.”
Basithola kanjalo ke isibongo sabo njengoKunene. Bahlala isikhashana endaweni yaseDumbe. Badlula behlisa izwe baze bayozinza enhla noMsunduzi lapho sekunabantu bakwaZondi endaweni ekuthiwa ikwaMpumuza. Kulapho ke inkosi uSigweje wakhothamela khona, idlinza lakhe libhekwe ngabakwaZondi ngoba lisendaweni yabo. Ngesikhathi besuka eDumbe, abanye babo basala bahlakazeka baya eBaqulusini, Babanango eHlonyane.
Labo abaseHlonyane bathakazelwa ngoMgosa ngoba nethuna lakhe likhona lapho. Basuka lapho abanye baya eNkandla, Eshowe nakoNongoma. Kunabanye abazithakazela ngoGayede. Nawo aMaGosa asuka lapho eHlonyane, ayesuswa ngabelungu ngokomthetho wezo 1913 obizwa nge Group Areas Act. Kwathi isikhotheme inkosi uSigweje, basuka laphaya eMsunduze balibhekisa enhla nenyakatho ntshonalanga eGlencoe, kwaHlathi. Ngonyaka ka 1968 base beholwa yinkosi uDidumndeni kaMkhulunyelwa kaMbango kaLubelo kaSigweje. Basuka lapho bayozinza kwaHlathi, okwabe kuligama lomuzi osukunguHlathi II manje bazinze khona.
Bakhelene nobukhosi bakwaMbhense, nobakwaSithole (kwaSomsuka) nobasemaChunwini. Batholakala naseMsinga, eBaqulusini, eDumbe, eMahlabathini nakwezinye izindawo. Ubukhosi babo bukhona futhi lapho bathakazelwa ngo Vundla, Mtimande, Madonsela. Futhi bayazalana nabantu bakwaMsane, oNgwenya, Shongwe kanye noMgosa.
Ukulamana Kwamakhosi akhona
UMalambule (Mngayi) wazala uSigweje, yena wazala uLubelo owazala uMbango, uMbango wazala uMkhulunyelwa ozala uDidumndeni yena owazala iNkosi uSimphiwe Sydney ebusayo.
English Summary
Clan praises and history of Kunene people.
By: Mbusiswa Jerry Zuma
Kwakuhle ukufunda ngomlando wakithi! Ngijabula ngoba nobaba wami uZwelabantu wayewubeka kanje, okusho ukuthi wayengakuthatheli ekhanda! Mtimande Olubambo lunye!
Siyabonga Mtimande! Siyajabula ukwazi ukuthi kuhambisana nalokhu nawe okwaziyo kubaba wakho 🙂
Siyabonga knave kwamnandi ukuzwa umlando wamatimande obhambolunye
Siyabonga Mtimande!
Hmmm yazi ngiyabonga ukuzwa Kahle NGO mlando wa kithi ngihlale nginayo lento yokuthi ngine gazi lobukhosi cha ngiyabonga uyavela umgosa nakithi ubaba wakuveza lokho kanjalo nomtimande zikode MADONSELA
Sanibonani ekhaya..Mina ngicela ukubuza ukuthi oMntimande bahlobana ngaliphi noMnyandu? Limindeni ingakwazi yini ukuganiselana?
Ngibonge bathandwa…
Ngiyabonga ngobani ngomshado, manje abakwavudla Ngabe Sihle benefits yini nabo
Sawubona, ungawuphinda umbuzo wakho ukuze sibone ukuthi singawuphendula?
Ulwazi Programme
Ngyajabula ukwazi ngezithakazelo zakithi ngsuke ngdidwe ukuth kusuke KUNGENE noNgwenya besazihasha.
Siyabonga.
Ngiyabonga kakhulu ukuzwa ngomlando wakaKunene bengingaz kodwa ngicela ukwaz ukuthi uVundla ungena kanjan kwaKunene
not all of this is true, we are not of the house of Dlamini or Mswati for that matter. Also u must mention how we relate to Mbabani (a city in swaziland is named after him ) he is a madonsela
There are mistakes in this history.
The Kunene Mgoza clan can be traced by my family to Mqedi who lived around the time of King Shaka
I am the descendent of Mqedi. He had a sons from his two wives and one of the sons was Nqodovu and he had a son Masobontshi my grandfather who was born in 1900 and had 7 children.
So the story above about the Mgoza clan aligned to Sigweje is not supported by the time lines. It also does not explain why the Surname is still a big Surname in Swaziland when it was supposedly started by people who ran away and they were given this Surname in KZN.
I think you need to rewrite this story with better research.
Hi Thulani,
We are always happy to receive more information, it is the only way to grow knowledge about our history. Please contribute here: https://www.ulwaziprogramme.org/contribute/
Ulwazi Programme
Ngyanibingelela philani nami ngphile ngyabonga kakhulu ngokzwa ngolando wami, kodwa kukhona lapho ngnganelisiki khona number-1 Mina ngazi ngo-Kunene no-Mgozi omashishiwane ondlovu ka langa omkhanya kude njenge langa, zinde kakhulu lezizthakazelo kanti futhi kunolwazi oluthile mhlawumbe olungathayseleka kancane laphaya nalaphaya ( ngyabonga)
Siyabonga, koda kofuneka kesihlangane nje sibize imbizo yo Mtimande. Ngyabonga
Sanibona siyabonga ngomlando futhi uyezwakala, manje sihlobana kanjani no Zikode
Asbonge🙏🏻
Siyabonga kakhulu! Ngicela ukwazi ukuthi uSibanyoni uhlobene kanjani no Malambule.
Siyabonga Kakhulu! Ngicela ukwazi ukuthi uSibanyoni uhlobene kanjani no Malambule?
Mtimande😇
Thanks for the info that your providing to us its very helpful to understand where we come from ngiabonga kakhulu ikundla yethu
Sanibona
Nami nginguKunene kodwa izithakazelo zami zithi
Mjisa
Sishange sakwagobeni
Wena wasezansi
Nxaba
Mfikisa etc……
Any idea about this
Ngaze ngajabula kade ngizibuza ngiziphendula ukuthi kodwa Dlozi lami uyongiphendula nini ukuze ngazi umlando wakwethu ,sicela nabanye abanawo basichathazele ngoba thina sibafushane kakhulu emlandweni wesibongo soKunene oMtimande