Izithakazelo Nomlando wabantu bakwaDube

Izithakazelo zakwaDube nomlando wemvelaphi yabo

Khushwayo!
Habane,
Mbuyazi,
Maqhama!
Mbonambi,
Mbuyaz’ ongakhathalele bafokazana odume ngezinxuluma

Umlando uthi:
KuNdaba owabe aziwa ngokuthi nguDube kwaphuma kuye abantu bakwaMbuyazi okungabantu ababodwana kanye noDube.
Kanti uma sesibabeka ngokwezigaba zabo zesizwe samaNguni bangamaLala-Nguni.

UNdaba emndenini wakubo wayemncane ngokulamana, yena wayelama uMbonambi. Indlela ekwabelwana ngayo umbuso akubanga enohlevane nenempi phakathi kodwa bahlanganisa amakhanda njengamadoda kwase kuvunyelwana ukuthi uma sebehlukana, kwaba ukuthi ikhohlo maliyobusa ngaseMhlathuze. Kuthiwa ke lapho uma besitshela ukuthi laphaya kwaMthethwa ngesikhathi kubusa iNkosi eyayinodumo nogazi nesasasa ekubumbekeni kukaShaka, iNkosi uDingiswayo, laphaya kwaDube kwabe kubusa uKhushwayo, bengaphansi kobukhosi bakwaMthethwa.

Kwathi noma sekubusa iSilo uShaka, iLembe KwaZulu, ubukhosi bakwaDube babe bulokhu bungaphansi kwaso, futhi kasibahlaselanga. Ngaleso sikhathi owayesesihlalweni sobukhosi bakwaDube kwabe kunguNzwakele kaKhushwayo wakhona kwaDube. Kuthe emuva kokuba kukhothame iLembe, bonke laba abebengabangani balo bahlaselwa yisilo uDingane ngoba esaba ukuthi kungenzeka ukuthi bafune ukuvukela umbuso wakhe bamhlasele.

Kwabe kuyimpicabadala ke ngoba noNzwakele wangena kulologibe lokubulawa yiSilo uDingane, kwathi enye yamakhosikazi kaNzwakele eyayikhulelwe yathathwa nguNqoboka wakwaSokhulu (Mthiyane) wayomfihla ezama ukumphephisa yena nengane esazozalwa. Wazala indodana yethiwa igama kwathiwa nguHabane. Wabe eseqhubeka nolibo lakwaDube. Kwathi iSilo uDingane lapho sesehluliwe, leyondawo uMpande wabe eseyibuyisela kwabakwaDube ngoba phela iSilo uDingane sabe sesithe mayibhekwe nguMadlebe kaMagedeza wakwaZungu esuka eMpaphala. UHabane wabe esezala uMntungelezana noGudu.

Khona kulaba bantu bakwaDube kuphuma abantu bakwaHlekwayo abaphuma kuNtaba wakhona kwaDube.
Kukhona abanye futhi oDube abazithakazela ngoMtima. Bona ke bayatholakala laphaya koMpumalanga naseZimbabwe. Bona bahamba noMzilikazi kaMashobana wakwaKhumalo. Babehamba besala endleleni, futhi naseLimpopo bakhona. Bonke basaphuma khona kwaDube owabe ezalwa nguMbuyazi.

Nakhu ukwelamana kwabo njengozalo:
Balandelana kanjena, uMagayiya wazala uShangila, yena wazala uTabane owazala uDonda, uDonda wase ezala uMbuyazi omkhulu. UMbuyazi nguye ke owazala uNdaba obizwa ngoDube, yena owazala uNdlovu, uNdlovu (leli igama ayi ukuthi isibongo sakwaNdlovu siphuma kulomlando) wazala uBayisa, uBayisa yena wase ezala uMphuma, kwathi uMphuma wazala uShenge (naleli futhi igama lozalo akusho lutho ngesibongo sakwaButhelezi), yena wazala uSoduko owazala uMgwabini yena wase ezala uKhushwayo, uKhushwayo wazala uNzwakele, uNzwakele yena wase ezala uHabana lo okunguyena owazala uMntungelezana noGudu.

Bese kuba nendlu yaseGobandlovu:
UMntungelezana wazala uMagemegeme, uMagemegeme wazala uMbati wazala uMxoleleni okumele ngabe uye usasebukhosini kodwa usamisiwe kwase kubamba uBonginkosi Chili.

By: Mbusiswa Zuma
Reference: Ilanga Newspaper

10 thoughts on “Izithakazelo Nomlando wabantu bakwaDube”

  1. hi ngithanda ukwazi ukuthi Dube lona wase Zimbambwe okuthiwa uMthembu nowase Swatini okuthiwa umtima bahlobana kanjani

    Reply
    • Bahlobana nkokudabuka kuNzwakele umehluko ukuthi abasezimbambwe bahambo nomzilikazi bese abaseswazini bahamba emva kokubulawa kukaMzwakele uma bechazela inkosi yamaswati ukuthi kwenzakalani kwaZulu yaphendula yathi kumatima kwaZulu kwase kuthiwa oMtima

      Reply
  2. Thina oDube abaphuma ngaseZimbabwe:

    UDube umthemb’ ozimbayo
    Omabalabala
    Oweqa wajama laphana
    Wadla ngamabal’ akhe
    Wabukwa yinkosi
    Umageza ngobisi abanye bageze ngodaka

    Reply
    • Abantu bakwa Dube abahamba no Mzilikazi kwakungobani amagama abo. Bafika ezimbabwe bazibiza ngobani. Baphuma esendeni likabani. Ngoba ngithola kuvela ukuthi uMtima uyena lo ongathi wabalekela e Zimbabwe
      Mina ngibuza ngisozalweni lwaso Gobandlovu. Endlini ka UMntungelezana

      Reply
  3. Abantu bakwa Dube abahamba no Mzilikazi kwakungobani amagama abo. Bafika ezimbabwe bazibiza ngobani. Baphuma esendeni likabani. Ngoba ngithola kuvela ukuthi uMtima uyena lo ongathi wabalekela e Zimbabwe
    Mina ngibuza ngisozalweni lwaso Gobandlovu. Endlini ka UMntungelezana

    Reply
  4. Bafowethu Nina enibhala Lana ngmlando nangobungobukhosi bakwaDube ngicela ningasixovi imqondo yethu ngoba umuntu uzosala enombuzo ongaphenduleki okuqala nje uMbuyazi uyena inzala bantu wazala uMbonambi wasezala uNdaba okungu (uDube)Hayi ukuty uNdaba owazala abakwaMbuyazi ngicela uma uzobhala enza research ♥️

    Reply

Leave a Comment