Izithakazelo zakwaDube nomlando wemvelaphi yabo
Khushwayo!
Habane,
Mbuyazi,
Maqhama!
Mbonambi,
Mbuyaz’ ongakhathalele bafokazana odume ngezinxuluma
Umlando uthi:
KuNdaba owabe aziwa ngokuthi nguDube kwaphuma kuye abantu bakwaMbuyazi okungabantu ababodwana kanye noDube.
Kanti uma sesibabeka ngokwezigaba zabo zesizwe samaNguni bangamaLala-Nguni.
UNdaba emndenini wakubo wayemncane ngokulamana, yena wayelama uMbonambi. Indlela ekwabelwana ngayo umbuso akubanga enohlevane nenempi phakathi kodwa bahlanganisa amakhanda njengamadoda kwase kuvunyelwana ukuthi uma sebehlukana, kwaba ukuthi ikhohlo maliyobusa ngaseMhlathuze. Kuthiwa ke lapho uma besitshela ukuthi laphaya kwaMthethwa ngesikhathi kubusa iNkosi eyayinodumo nogazi nesasasa ekubumbekeni kukaShaka, iNkosi uDingiswayo, laphaya kwaDube kwabe kubusa uKhushwayo, bengaphansi kobukhosi bakwaMthethwa.
Kwathi noma sekubusa iSilo uShaka, iLembe KwaZulu, ubukhosi bakwaDube babe bulokhu bungaphansi kwaso, futhi kasibahlaselanga. Ngaleso sikhathi owayesesihlalweni sobukhosi bakwaDube kwabe kunguNzwakele kaKhushwayo wakhona kwaDube. Kuthe emuva kokuba kukhothame iLembe, bonke laba abebengabangani balo bahlaselwa yisilo uDingane ngoba esaba ukuthi kungenzeka ukuthi bafune ukuvukela umbuso wakhe bamhlasele.
Kwabe kuyimpicabadala ke ngoba noNzwakele wangena kulologibe lokubulawa yiSilo uDingane, kwathi enye yamakhosikazi kaNzwakele eyayikhulelwe yathathwa nguNqoboka wakwaSokhulu (Mthiyane) wayomfihla ezama ukumphephisa yena nengane esazozalwa. Wazala indodana yethiwa igama kwathiwa nguHabane. Wabe eseqhubeka nolibo lakwaDube. Kwathi iSilo uDingane lapho sesehluliwe, leyondawo uMpande wabe eseyibuyisela kwabakwaDube ngoba phela iSilo uDingane sabe sesithe mayibhekwe nguMadlebe kaMagedeza wakwaZungu esuka eMpaphala. UHabane wabe esezala uMntungelezana noGudu.
Khona kulaba bantu bakwaDube kuphuma abantu bakwaHlekwayo abaphuma kuNtaba wakhona kwaDube.
Kukhona abanye futhi oDube abazithakazela ngoMtima. Bona ke bayatholakala laphaya koMpumalanga naseZimbabwe. Bona bahamba noMzilikazi kaMashobana wakwaKhumalo. Babehamba besala endleleni, futhi naseLimpopo bakhona. Bonke basaphuma khona kwaDube owabe ezalwa nguMbuyazi.
Nakhu ukwelamana kwabo njengozalo:
Balandelana kanjena, uMagayiya wazala uShangila, yena wazala uTabane owazala uDonda, uDonda wase ezala uMbuyazi omkhulu. UMbuyazi nguye ke owazala uNdaba obizwa ngoDube, yena owazala uNdlovu, uNdlovu (leli igama ayi ukuthi isibongo sakwaNdlovu siphuma kulomlando) wazala uBayisa, uBayisa yena wase ezala uMphuma, kwathi uMphuma wazala uShenge (naleli futhi igama lozalo akusho lutho ngesibongo sakwaButhelezi), yena wazala uSoduko owazala uMgwabini yena wase ezala uKhushwayo, uKhushwayo wazala uNzwakele, uNzwakele yena wase ezala uHabana lo okunguyena owazala uMntungelezana noGudu.
Bese kuba nendlu yaseGobandlovu:
UMntungelezana wazala uMagemegeme, uMagemegeme wazala uMbati wazala uMxoleleni okumele ngabe uye usasebukhosini kodwa usamisiwe kwase kubamba uBonginkosi Chili.
By: Mbusiswa Zuma
Reference: Ilanga Newspaper
hi ngithanda ukwazi ukuthi Dube lona wase Zimbambwe okuthiwa uMthembu nowase Swatini okuthiwa umtima bahlobana kanjani
Bahlobana nkokudabuka kuNzwakele umehluko ukuthi abasezimbambwe bahambo nomzilikazi bese abaseswazini bahamba emva kokubulawa kukaMzwakele uma bechazela inkosi yamaswati ukuthi kwenzakalani kwaZulu yaphendula yathi kumatima kwaZulu kwase kuthiwa oMtima
Bonke baphuma kuMbuyazi
Thina oDube abaphuma ngaseZimbabwe:
UDube umthemb’ ozimbayo
Omabalabala
Oweqa wajama laphana
Wadla ngamabal’ akhe
Wabukwa yinkosi
Umageza ngobisi abanye bageze ngodaka
Abantu bakwa Dube abahamba no Mzilikazi kwakungobani amagama abo. Bafika ezimbabwe bazibiza ngobani. Baphuma esendeni likabani. Ngoba ngithola kuvela ukuthi uMtima uyena lo ongathi wabalekela e Zimbabwe
Mina ngibuza ngisozalweni lwaso Gobandlovu. Endlini ka UMntungelezana
Okusho ukuthi thina umbuyazi asikwazi ukuthatha kwaDube
Ngicela ukubuza la, thina o dube base ninizimu nomkomazi kaDlangezwa sidabukaphi. (South coast)
Abantu bakwa Dube abahamba no Mzilikazi kwakungobani amagama abo. Bafika ezimbabwe bazibiza ngobani. Baphuma esendeni likabani. Ngoba ngithola kuvela ukuthi uMtima uyena lo ongathi wabalekela e Zimbabwe
Mina ngibuza ngisozalweni lwaso Gobandlovu. Endlini ka UMntungelezana
Bafowethu Nina enibhala Lana ngmlando nangobungobukhosi bakwaDube ngicela ningasixovi imqondo yethu ngoba umuntu uzosala enombuzo ongaphenduleki okuqala nje uMbuyazi uyena inzala bantu wazala uMbonambi wasezala uNdaba okungu (uDube)Hayi ukuty uNdaba owazala abakwaMbuyazi ngicela uma uzobhala enza research ♥️
Siyabonga, singakujabulela nokuthi usiphe uvo lwakho noma okwaziyo ngomlando wakwa Dube.