Umuntu uma egana uphiwa izipho zokuthi akwazi ukuthi uma efika emzini wakhe omusha azisebenzise. Esikhathini sanamuhla kuvamise ukuthi umakoti athengelwe noma aphiwe izitsha zasendlini kanye nezokuhlobisa. Kodwa ngezikhathi zasemandulo abantu babevamise ukuthi bazenzele bona izinto zezandla njengezinkamba, amacansi, izinkezo njalonjalo.
Icansi
Uma kwenzeka umakoti eseshada uma esenikwa izipho kwakuba izipho azozisebenzisa kakhulu emzini ikakhulukazi icansi noma amacansi wayewaphiwa kakhulu. Ngoba kwakwaziwa ukuthi umakoti uma abantu basemzini beza bezombona noma bevakashile uzobandlalela icansi phansi ukuthi bahlale kulona ngoba phela kuqala zazingikho izihlalo okwakuhlalwa kuzo. Futhi lwalusetshenziswa kakhulu uma kulalwa.
Imbenge
Wayephinda anikwe imbenge (imbenge, isitsha esilukwayo ngamaceba). Lesitsha umakoti wayefaka noma abeke kuso amakinati, izinkobe namadumbe. Futhi wayesisebenzisela ukukha ngaso ukudla uma efuna ukupheka.
Ukhamba
Umakoti unikezwa nokhamba kanye neshakasha (ishakasha isitsha sokugovuza utshwala). Umakoti wayenikwa lezizipho ngoba phela kubalulekile ukuthi umakoti agaye utshwala emzini wakhe. Kuthi uma egaya utshwala abe nezinto zakhe azozisebenzisa emzini eziqondene nalokho asuke ekwenza. Ukubaluleka kotshwala lwesintu kwakukukhulu kakhulu ngoba noma kuzobuya labo ababesebenza kude nasekhaya kwakufanele bafike kugayiwe khona bezojabula.
Omakoti yilapho ababekhipha khona ikhono labo nokuthi umuntu ufundiswe kangakanani kubo ukuphatha umuzi. Ngoba kuyothi ngezikhathi zasemini izihlobo kanye nabangani bazofika ukuzobona isihlobo sabo noma lowo ofikile.
Nezinkezo zokupheka utshwala zazingasali uma umakoti ephiwa izipho ngoba kwakubalulekile ukuthi ukuthi umakoti abenazo. Abantu okuyibona ababepha umakoti izipho ngabantu besifazane asebekhulile nomakhelwane.
English Summary
Gifts given to a new bride
It is important for a bride to receive gifts that she will be able to use in her new home. In the olden days people made their own gifts like grass mats, calabashes etc. Grass mats were most popular because they are used in everyday life for sitting and sleeping on. Grass containers were also made to store dry food. Calabash is used to make traditional beer and to serve beer in them. Nowadays, people buy stuff from retail shops mostly for decorating a new home.
By: Nqobile Mdabe