Uma kukhona umuntu okhulelwe ekhaya noma engakasho abantu abadala bayakwazi ukuthi bazi kungekho umuntu owaziyo. Lokhu babekubona ngamaphupho ababa nawo.
Nazi ezinye izincazelo zamaphupho abo:
– Ukuphupha kukhona umuntu oxova ujeqe noma ubona ufulawa. Ujeqe wakhukhumala kakhulu.
– Omunye aphuphe ebona izinkalankala.
– Omunye aphuphe inyoka eluhlaza.
Owesifazane yena wayebonakala ngokuthi:
- Kubekhona izinto angasathandi ukuzidla kodwa abezithanda noma ukuhlala eduze kwazo athi zinephunga elibi.
Ukukhula kwamabele nokugcwala komzimba. - Omunye umuntu abemuhle ngokudlulele omunye kuthi ekade emuhle abe mubi. Lapha babekwazi nokuthi ubulili bengane buyini nokuthi izofana noyise.
- Kuthiwa uma umfana kunguyena omithisile uyacobeka, ahlale ekhathele, afikelwe ubuthongo nasemini.
Izinto ezingenziwa umuntu okhulelwe
Uma kungumuntu oseganile wayecatshangelwa nasemzini kuthiwe kunemisebenzi angayenzi njengokuvuka ekuseni kakhulu ayokha amanzi ngoba kuthiwa angase athole umeqo. Okunye ababekubalekela imikhokha emibi yezilwane zokuthakatha.
Indlela ekufanele agqoke ngayo umuntu okhulelwe yayiqikelelwa kakhulu ngoba kwakungafanele abanye abantu babone isisu ukuthi sesingakanani.
Akufanele abantu abadala bathukuthele kakhulu uma intombazane ikhulelwe ingaganile ngoba lokhu kungaba nomthelela omubi enganeni engakazalwa. Yingakho kubalulekile ukuthi omama basheshe bayiqhube ingane uma kubonakala ukuthi seyonakele khona kuzosheshe kuhlawulwe.
Ezikhathini zakudala babengenawo amakhalenda njengoba esekhona manje, babezikalela izikhathi zabo ngokubheka ukuthi umuntu wazisola nini ukuthi ukhulelwe njengokuthi omunye athi uma echaza athi waqala ukuzisola noma ukungayi endaweni yakhe ngesikhathi semvula yemboza mahlanga, lapho kusuke kuyimvula ezofaka amakhaza kuzongena ubusika. Noma abekise ngokuduma kwezulu noma ngokuthi kwabe kuyinganga kantulikazi, inyanga enomoya.
Kanjalo nokuzalwa kwayo ingane bebeqondanisa nesigameko ukukhumbula ukuthi ineminyaka emingaki, bona bebengayazi iminyaka yabo bebekuyalela ngesigameko esenzeka uma ubuza iminyaka yabo, njengokuthi nje uzwe omunye ngazalwa ngempi yamaNdiya, owaziyo noma osefundile uyazike ukuthi unyaka ka 1939 lowo.
Imithi yesintu ephuzwa umuntu okhulelwe
Izalukazi zendawo kwakwaziwa ukuthi ziyakwazi ukuhlanganisa amakhambi ukusiza labo abakhulelwe ukuthi bakwazi ukuteta kahle futhi bavikeleke ezimweni ezikhona ezimbi. Lomuthi waziwa ngesihlambezo. Lomuthi unesikhathi ekufanele umuntu aqale ngaso ukuwuphuza khona ingane izokhula kahle njengoba kulindelekile.
English Summary
There are traditional beliefs associated with pregnancy. Older people were the first ones to notice that someone is pregnant. They knew these through certain dreams.
Below are some of other definitions:
– When someone dream of flour or someone preparing steam bread.
– To dream of crabs
– To dream of a green snake
The girl was noticed by not liking certain foods that she used to like and also by the change on her body. Sometimes by her looks and they were able to guess the sex of the unborn child.
The boy that made the girl pregnant was noticed by sleeping during the day and by being tired without doing any hard job.
There are things that a pregnant woman must not do like waking up in the early hours of the morning because there is a belief that they might catch bad spirits that might harm the baby. The type of clothing to wear was also important.
Parents were not to be angry for a long time when they find out about the pregnancy. This might have a negative effect on an unborn child. This led to women taking responsibility of reporting the pregnancy to the boy’s family. There are also traditional medicines associated with pregnancy that should be drank at a certain time to protect the unborn child.
By: Nelisiwe Hlongwane
xawvele benezothe emntwini othandana naye angafun nokubona kdwa khange nixabane vele adikwe