Izinkantolo Zomdabu Namasiko

Kubukeka engathi zonke izinto zomdabu nesintu sethu zihamba zihambe njalo zizithole sezihlanganiso nomthetho wokuphathwa kweze ngohlelo lwezinkantolo. Ngokomlando wesintu, uma kukhona udaba okumele lulungiswe, bekuhlala isigcawu kudingidwe lolodaba. Isigcawu bekuqala ngamalunga omphakathi, ehlakwe izinduna zendawo zona izikhalo ebeziyiswa kuzona. Uma udaba lungaphezulu kwezinduna zendawo bekusiza iphoyisa lenkosi ngokuthi nalo lingene. Uma kwenzeka udaba luhlula lezinhlaka zomphakathi bekuba luze luyofika kwankosi luthethelwe esigcawini. Kukho konke lokhu udaba beluxazululwa khona ezigcawini zesintu zihambisana nemigomo yokuphila kwabantu ngesintu. Izigcawu zesintu bezikwazi ukuxazulula izinkinga ngisho nazo ezakhona endlunkulu ezithinta ubukhosi.

Odabeni lokubekwa komholi wakwaZulu uMisuzulu kubukeka engathi imigudu kanye nezigcawu zesintu zihambe kwaze kwagcina kufikwa la zinqandwa khona amandla. Lokhu kusuka ekutheni isilo uMisuzulu uze waba inkosi ngokusemthethweni emva kokuba enqobe loludaba enkontolo eMgungundlovu. Umbuzo uthi ke, ngabe izigcawu zesintu seziphelelwe isikhathi yini? Lokhu kubuzwa njengoba izinkantolo zesimanje sekuyizona ezinezwi lokugcina ngisho ezintweni ezithinta indlunkulu okuyiyona ephethe umthetho wokuphathwa kwabantu base sifundeni sakwaZulu. Siyazi ukuba khona komnyango wobuholi bomdabu “Corporate governance and Traditional affairs” ubekelwe ukuhlanganisa izinhlaka zikahulumeni kanye nobuholi bamakhosi omdabu. Kodwa ke osekuvela manje ukuthi ngathi izinkantolo izona esezinamandla ukwedlula izindlela zomdabu zokuthethwa kwamacala kanye nokulungisa izinto ezithinta abantu. Kuhle khona ukuthi kube khona ezinye izindlela ezisunguliwe ezifana nezinkantolo ezimelana namacala anzima afana nalo udaba lobukhosi, kepha akumele umthetho wase zinkantolo oqhutshwa ngendlela yesilungu kube iwona olawula udaba lwasendlunkulu okungudaba lwesintu oludinga izinhlaka zesintu ukuthi lulungiswe.

Brief overview

By their design courts are Eurocentric in nature and practice. The kingship of the Zulu monarch has been much debated and took another twist when a court of law was approached to solve the problem of the crown. Using courts to solve royal disputes in the Zulu kingdom has sparked a debate. The questions posed after King Misuzulu won his court case for kingship are if traditional and indigenous courts are still significant in modern society and if they are still applicable to solve problems within the context of culture and traditional affairs.

Leave a Comment