Kuzoshunq’ uthuli siyibhikla kule mpelasonto mhlaka 25 Septemba e-The Playhouse Company eThekwini. Izingqalabutho Maskandi Concert izobe ibophele izinkakha ezizobe zisina zidedelana zenza ezidume ngazo. Le concert ezobe ibophele izingqalabutho zamaskandi njengegama layo kuzobe kukhona omakade bebona singabala uPhuzekhemisi, Madala Kunene, Thwalofu, Bheki Khoza, Nkunz’ Emdaka kanye nabanye. Kulindeleke amanoni ezingoma alezi zinkakha. Uma ucabanga ezingasoze zabuna kumculo kamaskandi njenge ‘Imbizo’ kaPhuzekhemisi, ‘ Thixo Somandla’ kaNkunz’ emdaka ngezinye ezazishisa izikhotha.

Ungaya kuphi nakuphi umculo uhamba phambili uma abantu behlangene bejabula. Njengoba sigumba Heritage Day 24 Septemba okuwusuku lokubungazwa kwamasiko, kwaZulu Natali kugujwa uMkhosi Welembe. Umculo wesintu nemvunulo kuba ingxenye enkulu yalomgumbo. Kanjalo singasho ukuthi le concert izobe isananela ukugujwa kwamasiko nokuyingxenye yokwazisa, ukukhuthaza nokuthakasela umculo wesintu.
Uma use Thekwini namaphethelo ungaphuthelwa ile concert ezokuthatha ikubeke ikukhumbuze isintu sakithi.
Article Overview
The Playhouse Company will be hosting the “Izingqalabutho Maskandi” Concert this weekend of the 25th September 2021. The concert will have performances from Maskandi veterans such as Madala Kunene, Phuzekhemisi, Nkunz’ emdaka, Thwalofu and others. This forms part of continuing Heritage Day celebrations.

Zama Khoza is a Zulu content generator and media and communications researcher. She holds an Honours degree in Cultural and Media Studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).