Amaciko anendima enkulu ayidlalayo ezweni ekwakheni, abonise, anxenxe aphinde enze nezikhalo uma kukhona la angaboni kahle khona. Ingakho ke kungamangazi uma kukhona amaciko asukumela phezulu uma kukhona izinto zokwakha isizwe okumele zenziwe, nanoma futhi kukhona la okumele banxenxe khona umphakathi ngokuthile. Izindlovukazi zikaMageba iqembu lamaciko amathathu esimame kaMaskandi okungu Vumile Mngoma, Buselaphi Gxowa, Boneni Magubane kanye no Glama kaMaskandi.
Izindlovukazi zithi leli qembu zilisungule ukuze bezokwazi ukulwisana ngezinto eziphilisa kabi umphakathi njengonxenxa abantu ukuthi bayeke ukuthungatha baphinde babulale abantu ababizwa ngokuthi iziphiwo “Izishawa”. Phela sekuyinto edumile ukuzwa emsakazweni, ezinkundleni zokuxhumana nako mabonakude ukuthola ukuthi sekukhina isiphiwo esitholakale sishonile sesisikwe nezicubu zomzimba. Izinyanga ezonakele nabathakathi abasebenzisa izicubu zeziphiwo ukwakha imithi yesintu yokonakala.

Ngokokusho kuka Dokotela Buselaphi Gxowa ongomunye wabaholi baleli qembu uthi akwehli kahle ukuthi kukhona izenzo zobubi ezifana nokubulawa kwezi “shawa”, kanti iqembu liyakuveza futhi nokuthi sebeke bavakashela nezindawo lapho okwehle khona lomhlola. Kanti ke kulezi ndawo bahambisana nezinhlaka zomphakathi kanye nezanusi (izangoma) ukunxenxa abantu ukuthi bayeke lomkhuba baphinde bavikele nezishawa.
Isihloko sokuqala se album yabo sithi “Akusiwo Umuthi Umuntu” kanti nabalandeli bomculo bayithakasela kakhulu. Ingakho kungamangazi nokuthi yaze yaqokwa kuma South African Traditional Music Awards (SATMA) ngaphansi kohlu lweBest female artist category. Kuningi okubhekwe kuleli qembu labesimame njengoba nabo bekuveza ukuthi ezinye izingoma zabo zikhuluma ngamalungelo abantu besimame nokuthi baphathwe ngokufana nabantu besilisa. Baphinde futhi bagxile ezingomeni ezikhuluma ngokuhlukunyezwa kwezingane kanye nabo abesimame njengoba sekukuningi ukuhlukunyezwa kwabo okubizwa ngokuthi iGender-Based Violence (GBV) emphakathini.
Brief overview
Collaborations in traditional music are a common thing, especially when the aim is to address social ills and injustices. It is therefore unsurprising to witness prominent maskandi musicians forming a group to release music together. Izindlovukazi zikaMageba is a women’s maskandi group that was formed to address social issues such as the killing of albinos, gender-based violence and social justice. The group has won several awards based on their contribution.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).