Ngathi lizamawala ngampela iqembu leze politiki eliholwa uMnu Julius Malema elibizwa ngokuthi i-Economic Freedom Fighters (EFF). Noma iqembu leNkatha lenze kahle ezindaweni eziningi zakwaZulu Natali, kepha iqembu le-EFF likhombise ukukhula okukhulu uma kuqhathaniswa ngokwedlule. Intsha yaseThekwini iyona ebukeka ilithanda leliqembu njengoba nase zikhungweni zemfundo ephakeme liqenqeleza phambili. Ukwenza kahle kwe-EFF kwenze uMnu Malema ongumholi walo ukuthi ahlabe izinkomo ezine endaweni yaseNanda kude buduze nedolobha iTheku. Lokhu ubekwenza ebonga abalandeli bakhe abakhombise ukweseka leli qembu okhethweni. Akumangazi ke ukuthi leliqembu libenabalandeli abaningi. Phela kuzokhumbuleka nokuthi ngonyaka odlule ilona qembu elivakashele ePhoenix liyomashela ukubulawa kwabantu abamnyama ngesikhathi kune “Looting”. UMalema ukuvezile ukuthi lezinkomo ezine ubonga ngazo abalandeli ngokweseka iqembu.
Sisekuzo nje ezithinta iqembu le-EFF, intokazi esencane eyilunga lephalamende lalo leli qembu lithuse abaningi kwi nkundla yezokuxhuma “Twitter” Ibiza umongameli wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa ngomkhapheyana. Iphekwe nenyongo ibabela abayidlayo indaba yalentokazi esencane engusopolitiki. Lenkulumo kaNaledi Chirwa uyibhale ephendula inkulumo yakhe umongameli ebimayelana nokuthi kumele kuvikelwe umthetho sisekelo walelizwe kwabe usezithelile emlonyeni wengwenya. Ipolitiki inkundla yazo izinto ezikanje, ngisho ephalamende zibe ziningi izigameko la khona kubonakala ukuthi ayi izihlabathi zigqima iziziba impela itshe limi ngothi.
Noma kujwayelekile ukuthi usopolitiki begadlane kodwa okuka Naledi kuthuse abantu abaningi kwaphinda kwahlukanisa nembono ngenkulumo yakhe. Abanye bakhala ngokuthi ukhombise ukuba luhlaza nokungabi nayo inhlonipho uma ebiza umongameli wezwe ngomkhapheyana. Kukhalwa ngokuthi ngisho ngaphandle kwenkundla noma isigcawu sepolitiki umuntu omdala uyahlonishwa futhi kuyihlazo ukungamhloniphi umongameli. Kanti ke abanye bathi azikhale impela nje ngoba ngesikhathi kusenzeka kuloyo owaye ngumongameli phambilini uNxamalala. Akekho noyedwa obekhalazela ngokuthi uyathukwa, ngoba wayezwe adwetshe nayizintatheli njengo popayi kodwa kaze kube khona isililo esingaka ngalokho.
Brief overview
The Economic Freedom Fighters’ rise in numbers during last year’s elections came as no surprise to many. The political party has been vocal in current matters affecting the City of Durban, including the party’s participation in the Phoenix march after people were killed during looting. Their growth in the city has led to the party’s president slaughtering four cows for his supporters at Nanda earlier this month to show gratitude and appreciation of the party members for their contribution in the organisation.