Isibindi Esidliwa Ngumakoti Kubo

Isibindi esidliwa intombi uma isizoshadaLapha sibheke isiko elalenziwa kuqala kusakhona okhokho bethu uma intombi izoshada ukuthi kukhona umphako eyayinikwa wona noma into ekumele iyidle ngaphambi kokuthi iyosina esigcawini. Intombi kwakuthi uma isizohamba iye kogana noma iyoshada kwakuba khona isikhathi lapho yayinikwa izeluleko zokuthi iziphathe kanjani emzini. Kwakuthi uma isiyalwa inikwe isibindi senkomo, sasiphekwa anikwe ukuthi asidle sonke aze asiqede. Lokho kusuke kwenzelwa ukuthi umakoti angathi uma esesina esibayeni angalandi izindaba ezingafuni yena.

Kunenkolelo yokuthi uma intombi isina esibayeni ingadliswanga isibindi iyakhuluma kakhulu. Ayibe isafuna ukulalela umuntu omdala noma obaba basemzini, ikhuluma ingabe isakwazi nokuthula. Kuthiwa intombi inikwa lesibindi ukuze ikwazi ukuthoba emzini ikakhulukazi uma isisina esigcawini noma ngabe kukhona okuphazamisayo kodwa ingadinwa nokuthi kuze kubone abantu ukuthi kukhona into engamphethe kahle umakoti. Ngoba abanye abantu badinwa baze baphimisele uma kukhona okubaphethe kabi.
Kuthiwa isibindi sifana nemvalamlomo kumakoti ukuthi angathi vu emzini uma esafika. Uma kumele ukuthi akhulume nobabezala wokhokho wayeguqa ngamadolo azimboze ngeduku ukuthi angamboni. Ngoba ngisho ehlangana nobabezala endleleni wayeguqa ngamadolo ukuthi aze adlule ngaphambi kokuthi ahamba aqhubeke nohambo lwakhe. Uma ekhuluma naye ubabezala uzomnika imali yokuthi amphendule kulento asuke embuza yona. Ngisho nomamezala wakhe wayemkhophozela. Odadewabo kamkhwenyana wayengaphendulani nabo ngaphandle uma esenesikhathi eside ashadela khona emzini sekukhona amjwayele kuba uyena akhuluma naye. Uma kuhlanganwa ezindaweni ezithile njengasedolobheni umakoti uma ebona abantu basemzini wayezifihla bangamboni. Umakoti wayehlonipha ngisho isigodi lapho aganele kuso ngoba nabo abantu besigodi babengamboni ebusweni ngenxa yokuthi wayekhophoza uma ehlangana nabo.

Ngoba ngisho noma eyowasha emfuleni akawubangi umsindo sengathi uyiqhikiza noma intombi esafuna ukushelwa uyahlonipha. Abantu bakuqala babemthanda umuntu ohloniphayo futhi wayehlala kulowomuzi. Ngoba ngisho kuthiwa khona abantu abamsukelayo umakoti babekwazi ukumkhulumela kuthiwe udlala ngaye lowomuntu uyathula. Bonke abantu babe ngakuyena noma ngabe ubenephutha lalingabonwa iphutha lakhe.

Kanti omakoti bamanje bakhuluma befika kungakapheli ngisho inyanga umuntu uselanda emzini sengathi owakhona. Ngisho noma ubabezala wakhe ehlezi ekhishini naye uphendulana nabo ekhishini. Ngoba ngisho noma edla umakoti, akadli nabantu basemzini kufanele aphume ayekodlela elawini lakhe. Indawo kamakoti iyaziwa ukuthi ukubheka umuzi nokusebenza uze aphunyuzwe izingane zakhe uma sezikhulile. Uma izintombi ziganile emzini umuntu uba umakoti aze abemdala. Ingakho wayedliswa isibindi khona ezokwazi ukubhekana nazo zonke izimo zase mzini ezikufanele.

English Summary

For some people ox liver is a delicacy and in some families it’s reserved for the head of the family. In this article we looking at the liver that is given or eaten by a young bride before she starts her new life in her in-laws house. Her family slaughters a cow and cook the liver. It should be eaten by the young bride and should finish it. They believer that by doing this it calms the bride down, especially during her wedding ceremony and also during her stay at her in-laws. They say if someone did not go through this they talk a lot and out of turn which can cause her not be the in-laws favourite.

By: Nqobile Mdabe
Source: Mama Mkhwanazi of Inanda

Leave a Comment