Uma sikhuluma ngenzinsizwa ezifike kwacaca endimeni yomculo wesintu sikhuluma ngeVulandlela lakoSibalikhulu umfana waseMabomvini eMsinga. UScebi Dlamini akafikanga ugalelekile kulendima nokuyinto engasajwayelekile manje ukuthi ethi umculi omusha efika ebe ethakaselwa kakhulu njengoba kulomculo sekwaba nabalandeli abawoqhawe lami. Oqhawe lami ilabalandeni bakaMaskandi abangawunaki umsebenzi wamanye amaciko ngoba belalela laba ababathandayo kuphela. Kumaciko amasha kuba nzima ngoba baningi abalandeli asebengoqhawe lami abangasaxhasi amanye amaciko noma enze umsebenzi omuhle kanjani. Ziningi ke izinto ezenza umculi kaMaskandi abe ngundabamlonyeni akugcini nje ngokuthi ukwazi ukucula noma ube nephimbo elihle. Kodwa kunezinto ezifana nokuthi wena siqu usebenze kuzona njengendlela obukeka ngayo okuwumswenko, kube indlela ozifaka ngayo kubantu kanye nokuthi wena uzifaka kanjani entsheni.

Isithombe: John Hlongwa
UScebi udlisele nje kuMaskandi ingoba ungomunye wamaciko ahamba phambili ngendwangu, uyayidla ingqephu kanti ke nezintombi ziyachazeka ngenxa yendlela ayiyo. Igama kuMaskandi nalo liyayidlala indawo yalo, ingakho noMthandeni Manqele wazibiza ngeGcokama Elisha ngoba abantu phambilini bebazi uMahawukela njengegcokama, kube uBhekumuzi Luthuli naye owayebizwa ngeGcokama likaMolo bese kuba uMgqumeni ezibiza ngomfana wegcokomo elandela umalume wakhe uMahawukela oyigcokama. Ingakho ke kungamangazanga naye uScebi uma esezibiza ngeNkosi Yamagcokama ngoba nakho lokho kumsondeza kubantu.
Lensizwa ikhiphe i-albhamu yokuqala ngo-2015 esihloko esithi “Parce” kwalandela ethi “Johnny Walker” okuyiyona emveze kakhulu emehlweni abantu kwase kuba, Never Say Never‚ nethi ‚First Class. Ziningi izingoma adlisele ngazo efana nethi i-Ex-yami, Ubuqili, Impilo iyisimanga kanye nezinye ezimenze wathandwa abantu. Kanti ke manje usevule nenkampani yakhe ebizwa ngokuthi iVulandlela Music Records.
Brief Summary
This article is about Scebi Dlamini who is famously known as “Inkosi Yamagcokama” in the Maskandi music genre. It gives brief description to his rise to superstardom in the genre and what makes him as a brand and music unique.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).