Zikhala ngampela ke manje eThekwini esifundeni sika baba uZikalala njengoba zizobe zihlabana amalunda ngoJuni. Lokhu phela kusuka ekutheni kuza ingoma enkulu ngomhlaka 4 Juni 2022, ePeoples Park umuntu uzobe ebambe eyakhe eyenqina njengoba kuzobe kudlalwa ushameni onenkosi phakathi. Kujwayelekile ukuthi uma kukhona imicimbi yesintu efana nekamaskandi amagoso kashameni asale ngaphandle. Okujwayelekile nje ukuthi kube imidlalo kashameni ezindaweni ezithile ezogidini ezithile kepha kungabi nesasa njengemidlalo kamaskandi. Inyanga kaJuni ikushintsha konke lokho njengoba seziqhathiwe manje amagoso engoma kanye namafolosi awo bazobe bencweka eMoses Mabhida. Ingoma kaZwelonke umdlalo kashameni lapho zonke izingoma namagoso aziholayo azobe ehlangene khona kudlalwa ingoma. Lomcimbi uyingqophamlando njengoba kungumcimbi wokuqala lapho kuzobe kuhlangene khona amaqembu angu-40 kuzodlalwa ingoma, kudele umakhasana.

Okuhle kakhulu ngalomcimbi ukuthi noma ushameni waziwa kakhulu njengesigcawu sezinsizwa kepha namagosa esifazane nawo azohlomula ngendlela eyodwa nawesilisa. Lomcimbi kuvezwe ukuthi usebenzisana noKhuzani, Bahubhe kanye noSgwebo Sentambo njengamanxusa. Njengoba ezobe emaningi amaqembu azodlala kulo mcimbi okunye okuhle ukuthi iqembu elizokhethwa ukuba semqhudelwaneni lizothola u-R10 000, elikhethiwe nje kuphela lingakaqhudelani namanye lawa ngamazwi ashiwo elinye lamanxusa alomcimbi. Kanti ke ezinye ezimtoti ngalomcimbi ukuthi kungenwa mahala hha kulaba abafisa ukuba yingxenye yalomcimbi. Lukhulu luyeza ngampela ngezi-4, luyothi luphela usuku iyobe isikhona ingqwele ezihola phambili.
Brief overview
This year on the 4th of June is the debut of the most anticipated traditional dance festival, Ingoma kaZwelonke. The event will consist of 40 traditional dance groups from across the province of KwaZulu-Natal who will be competing on the day. This is the first event of this kind and it has people buzzing to be part of such an initiative.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).