Izithakazelo zakwaNgwane
Ngwane,
Masumpa,
Matiwane,
Zikhali,
Sangweni Nduku zinobulongwe,
Masinga silele.
Abadl’ umuntu bemyenga ngendaba
Wena owela ngezihlengela zemifula,
Abanye bewela ngamazibuko.
Imvelaphi yabo
UNgwane inkosi yaseSwazini lapho abantu bakaNgwane bedabuka kuyo lowo owayephuma endlunkulu yaMaMbo-Nguni. Umshana kaNgwane wakwaDlamini wabekwa ukuba abe indunankulu lapho okwathi esekhotheme khona uNgwane washiya amadodana akhe esemancane, ubukhosi base bubanjwa yindunankulu uSobhuza owaba undunankulu wokuqala. Kwathi inkosana kaNgwane isikhulile, sekufanele ithathe ubukhosi, yavele yashona, kwathi nalena encane sekubhekwe ukuthi budluliselwe kuyona, kwenzeka ichilo elifanayo. Amadodana kaNgwane ebona ephela, aqoqa imithwalo yawo kanye noMatiwane owayezalwa nguMasumpa babaleka balibhekisa kwelaKwaZulu. Bahamba baze bafika ezintabeni zoKhahlamba lapho bafika bagoba amakhanda baphumuza imizimba yabo bazinza khona. Ase aduma amaNgwane kwezinye izizwe ngokuba iziqhwaga uma efuna indawo yokuhlala. Bafika baxosha amaZizi ayebuswa uMiya.
Kukhona amaNgwane akaMnqobokazi owayeyindodana kaNgwane elamana noMatiwane. Babehamba behlala ngaphansi kwamakhosi kodwa bexoshwa ngoba sekuzwakele ukuthi bayaluthanda uthuthuva. Bahamba baze bafika kwaMsane lapho bafike baxosha abantu bendawo yakhona. Basazinze khona namanje.
Ukwelamana kwamakhosi akhona
UMnqobokazi wazala uMnyenyeza wazala uSonxa, yena wazala uWokoza wazala uNkomo. UNkomo wazala uMsongelwa yena wazala uKhumbulani Sabelo Ngwane obusayo njengamanje.
AmaNgwane akwaZikhali wona atholakala KwaMbila. Bafika khona beholwa nguZikhali kaMatiwane. Bekade besuka eMkhumbane ngemuva kokubulawa kukayise.
Ukuzalana KwabakwaZikhali
UDlabathi wazala uMafu yena wazala uNgwane wazala uNgwadi wokuqala yena wazala uNdungunya owazala uNsele owazala uTshani yena wazala uMasumpa yena wazala uMatiwane ozale uZikhali noNyanda. UZikhali wazala uNgwane wesibili owazala uMbabazi owazala uMoses ozale uJames Zikhali osewakhothama.
By: Mbusiswa Zuma
Sources: Izithakazelo nezibongo zaKwaZulu by E.Thamsanqa Sithole
Ilanga Newspaper, Ngisho wethu by Bonginkosi Zondi
Can you travel for me the origins of the#Nkosi clan please