Hamba minyaka zishintshe nezinto, amagugu kaZulu asefana nesithunzi sona esilandela ngemuva komhambi. Ebesizigqaja ngakho sesikubukela phansi, ubuciko bethu sebuchithwe njengomlotha ezaleni sasala sizigqaja ngokwafika nabamhlophe, sakhohlwa indlela yokwenza ngokwesintu.
Leli khasi lenaba ngendaba yokwakhiwa komkhaya wesintu, noma ukwakhiwa kwendlu ngesiZulu njengoba kwakwenziwa emandulo. Phela umuzi noma ikhaya ngokwasemandulo, yindawo yokukhulisela izingane, kuyisikole sokufundisa inhlonipho nokuziphatha emphakathini. Imizi lena yasemandulo bekuyimitholampilo la omame abazithwele abebe belethela khona, imizi bekungamathempeli la okufundiswa khona ngenkolo yethu thina sizwe sika Senzangakhona, okuyinkolo yabaphansi namathongo. Kulemizi yakithi ngingakubeke kugcwale umlomo ukuthi bekufundwa imisebenzi, inkolo, imithetho, amasiko kanti ke nokuzithoba, ukuzihlonipha kanye nemiyalo.
Kepha ke okuningi kwalokhu okubalulwe ngenhla sekushintshile njengoba sekuphilwa ngendlela yabamhlophe, sekukhona izikole ezifundisa ngemfundo yesilungu, sekukhona nezikhungo zemfundo ephakeme la okuqeqeshelwa khona ukusebenza nokuzisebenza, kanti ke sekukhona nezinkonzo kanye namasonto la okufundiswa khona ngenkolo yobungcwele kanye nokufunda ibhayibheli leli okufundiswa ngezimfundiso zalo kubantu bakithi.
Akugcini lapho, sekukhona nemitholampilo la okulashwa khona abadunguzelayo noma abanezifo ezithile, konke lokhu emandulo kwakwenziwa ekhaya. Uma kwakhiwa umuzi wesintu, indoda igawula izigxobo noma izingodo, acabe izihlahla aphinde alungise inxiwa elisha emzini kayise akazowakha. Emva kwalokho kwenziwa ilima ameme amadoda azomlekelela, ilima leli kugaywa utshwala besiZulu, kugaywe namahewu kwenzela laba abasuke bazofaka isandla ekwakhiweni kwalomuzi.
Brief Overview
The building of a homestead has changed and evolved over time. Traditional homes used to be all encompassing – they were educational institutions, knowledge bases and even hospitable environments for pregnant women until they delivered their children. This is due to the fact that there were no hospitals, schools and even churches. This article discusses how homesteads were built in the traditional setting.