Inyanga ka Juni inyanga yentsha, lokho kusho ukuthi nezinhlelo zika hulumeni kanye nezinhlaka zakhe zibe nezinhlelo ezithinta intsha. Intsha eningi ezindaweni zasemalokishini izibandakanye nezidakamizwa lokhu okwenza kubekeke engathi ngeke ibe nakusasa ngoba phela ayikho impumelelo ephuma ekusebenziseni nokudla izidakamizwa. Ingakho ke nje abaholi basendaweni yaKwaMashu namaphethelo behlele imidlalo ehlanganisa intsha nabantu abadala. Lemidlalo kubalwa kuyona imidlalo yamabhayisikili, eyebhola likanobhutshuzwayo labesimame abadala, umdlalo we”Tennis” kanye nemidlalo yebhola yabesilisa lapho kubalwa khona intsha kanye babasebenzi bezomthetho amaphoyisa akwamasipala kanye namaphoyisa kahulumeni.
Kuhle ukubona nentsha edumile emphakathini ihambela izinhlelo ezikanjena zomphakathi. Lemidlalo ibihanjelwe nowu ndodana kaloyo obengumengameli wakulelizwe uMnumnzane Jacob Zuma, okungu Duduzane Zuma nentsha esencane ekuthakasele kakhulu ukumbona efike kulemidlalo. Lemidlalo yadlalwa ngomhlaka-05 Juni 2021 ihlelwe ngumnyango wezokuphepho komphakathi wase sifundazweni sakwaZulu “Department of Community Safety and Liaison.” Inhlosongqangi enkulu ngalezinsuku ngoba phela kwakuyinto yezinsuku ezimbili ukuthi kuqwashiswe intsha mayelana nendaba yezidakamizwa nezokuphepha kanti futhi iphinde itshengiswe nokuthi ziningi izinto eziphumelelisayo engazibandakanya nazo esikhondleni sokuthi izithole isisebenzisa uphuzo oludakayo iphinde idle nezidakwamizwa.
Noma lemidlalo yayihlelelwe intsha ngoba iyona ezibandakanya kakhulu nezidakwamizwa kodwa okunye okwakukuhle ngayo ukuthi bekukhona nemidlalo efaka nezintombi ezindala izalukwazi zidlala nebhola. Lokhu kuyisifundo esihle entsheni ekutheni ingakwazi nayo ukubukela kubantu abadala emphakathini ngendaba yokuzivocavoca. Kanti futhi lokhu kuhle nakuzona izaguga ngoba phela akusiyona into eyenzeka njalo ukuthi nazo zizithole zidlala imidlalo efana neka nobhutshuzwayo lokho okusho khona ukuthi nabo bayacatshangwa ezintweni ezithuthukisa umphakathi ikakhulukazi intsha. Njengazo zonke izindawo zasemalokishini aseThekwini, iKwaMashu nayo ingenye yezindawo ezinenstha ehlala emgwaqeni “amaphara” izinhlelo zomphakathi zentsha nazo kuhle ngoba ziyazama ukuza nesisombululo kulezo zinselelo njengayo imidlalo lena ebigqugquzela yona intsha ukuthi ingalilahle ithemba kepha ifuselele ubuyona ngokuzikhipha ezintweni ezizomosha ikusasa layo.