Igama likaMaxi Mqadi igama eliwundaba mlonyeni kulezinsuku. Kukhulunywa ngaye ngapha nangapha. Phela lensizwa yase Mlazi ngonyaka odlule uvelelwe umshophi omubi kabi ngenkathi elalelwa abantu endleleni bemlalela uyendle. Ngenhlanhla wasindangokulambisa edutshulwa esizwa ucingo ayelubeke endlebeni nokuyila inhlamvu eyabhajelwa khona. UMaxi uwundaba mlonyeni kubantu kungemva kokusabalala kwezithombe zendawo yakhe iMaxi’s lapho kuvezwa ubukhazikhazi bendawo yakhe. Lezithombe zisabalale ezinkundleni zokuxhumana. Bekuvele izithombe zendawo yakhe isaqala ukwakhiwa ingakabi nedumela kubantu, kwase kuphinda kuvezwa nezamanje lapho lendawo isise qophelweni eliphezulu futhi kubonakala ukuthi indawo kanokusho.
IMaxi’s ingenye yezindawo zokungcebeleka eThekwini kwizivakashi kanye nakubona abahlali beTheku. Sisakhuluma ngayo nje iMaxi’s lifestyle, naseGoli kwandonga ziyaduma kunendawo edumile okuthiwa iseNkonka . Lendawo nayo eyoku gcebeleko ikhona nje ukuthi kuthiwa kuya omtakabani kuyona ngenxa yokubizwa kweziphuzo nokuya ngase thunjini khona. Ukuduma kweNkonka nokusabalala kwezithombe ezintsha zakwa Maxi kushiye abantu beyipheka beyithulula ezinkundleni zokuxhumana indaba yokuthi iyiphi indawo ebukeka ngathi isemgangathweni kunenye. Kepha eqinisweni nje, zombili lezizindawo zitshengisa ukuthi bathuthuka ngampela osomabhizinisi basema lokishini kanti kutshengisa nokukhula komnotho wakhona ezindaweni esihlala kuzona.
Kuningi intsha yaseThekwini okumele ikufunde ngabantu abafana noMaxi Mqadi nangama bhizinisi afana noMaxi’s lifestyle kanye neYadini. Intsha yasemakhaya nasemalokishini kumele nayo ivuke izithathe, izame imizamo yokuzi thuthukisa. Ayikho indawo ingenayo intuba yempumelelo noma ngabe ikude noma iseduze kangakanani nedolobha, kodwa konke kulele kubantu abahlala kuyona nembono abanayo ngayo.
Brief overview
Max Mqadi continues to be an iconic figure in Umlazi township and the whole of South Africa with the establishment of Max’s Lifestyle Village and his rage to riches life story. Following an attempted assassination he has now returned to full health.