IHostela iThembalihle

Akukho soka elingenasici, noma bukhona ubuhle bezindawo zasemahostela kepha ziningi izigameko esezibikwe emahostela. Ikakhulukazi lawa akwaMashu lapha eThembalihle kanye naseMlazi ehostela elidume ngokuthi i-17. Lezi zindawo zibe nedumela kakhulu ngesikhathi sobandlululo kusalwela izwe ukuba likhululeke embusweni wamaNgisi namaBhunu ngoba phela esikhundleni sokuthi abantu bakulezi ndawo babe imbumba bahlangane bahlukaniswa amaqembu epolitiki okuyilapho okuphenduke lezi zindawo ezihlala abasebenzi zaba isizinda nesiphethu sodlame esaphethuka kwachitheka igazi. Ukulwa kwamaqembu, iqembu leNkatha eyayiphethwe umntwana wasebukhosini bakwaShenge kanye neqembu le-African National Congress kuchithe igazi eliningi emahostela ngoba phela uMashu nje uwodwa bewaziwa ukuthi isiqhingi esithile khona ehostela sihlala abantu beqembu elithile begcine sebehlaselwa njalonjalo.

Noma kukhona okuhle okushiwo ngezindawo zamahostela kepha kuyinto ejwayeleke kakhulu ukuzwa izindaba ezihlasimulisa umzimba ngendaba yenhlalo yakhona emahostela, uzwe nezintatheli zibeka amabala lezi zindawo nakhona kufanele ngoba phela ayinuki ingosiwe. Ezinye zezinqinamba kanye nezinkinga ezikhona ezibikwa ngalezindawo zikushiya ubambe ongazezansi njengabo osikhwili phambana nobhoko ababulala igama lalezi zindawo. Amahostela adume ngokufuya aphinde afihle izinkabi ezibulala abantu, zihlala kuzo lezi zindawo ngokuhlanganyela ukuze bakwazi ukufeza imikhuba yabo yokonakala.

Izinkabi ke ziziphilisa ngemisebenzi ethinta izimboni zamatekisi lapho ziqashwa khona ilaba abangabaphathi bawo amatekisi ezinye zigcine nazo zingabaphathi bawo amatekisi njenge nkokhelo yomsebenzi wazo, kanti futhi ziphinde ziziphilise ngokuthengwa nje abantu ukuthi zichithe igazi zibulale abantu. Okudume kakhulu ngezinkabi ukuthi azizizona lezixhwanguxhwangu ezigqekeza imizi yabantu kepha zona ziphila ngokuthi zithunywe ukuyochitha igazi. Okuhle ngawo amahostela ukuthi inani lokukhokhela indawo yokuhlala liphansi noma kunjalo ke ngoba phela asiyi ndawonye singemanzi bakhona abangakugqizi qakala ukukhokha kepha kusuke kuyikhona ukuthi abanye abasebenzi kanti ke futhi okunye okuhle ngalezindawo ukuthi izidakamizwa aziziningi kakhulu ngoba phela kunomthetho khona.

Leave a Comment