Igama Lamakhosikazi Malibongwe

Sisakuyo inyanga yenkululeko eNingizimu Afrika, sikhumbula indima yabantu besifazane ukuguqulweni kweNingizimu Afrika.

Indima yabantu besifazane emzabalazweni wokukhulula izwe laseNingizimu Afrika kayifanele idicilelwe phansi futhi ilitshalwe uma kulotshwa umlando. Ngenkathi amadoda eyosebenza ezimayini nasemafemini emadolobheni, abantu besifazane babeyimigogodla yemiphakathi. Yibo ababekhululisa abantwana, befundisa izingane futhi bezama nempilo ukuze isizwe sase-Afrika singanqotshwa kodwa sikhule. Indima yabo ke, yayingapheleli ezindlini nasemakhishini nje kuphela, kodwa nasemzabalazweni babetholakala.

Impela maningi amaqhawekazi akwantu akhetha ukudela izimpilo zawo, abhikisha, aya ekudingisweni amanye ukuze mina nawe sikhululeke namhlanje. Impela kulichiyo futhi kuyinhlamba egazini nasenyameni yalabo abadela konke uma kukhona abanye asebenza sengathi le nkululeko iyize leze, beyixhaphaza nje noma ikanjani.

Ngaphansi kune-video lapho intsha yaseThekwini ibonga igama lamakhosikazi ngehubo. Leli hubo lihle ngoba lenze loko okufanelekile, okuwukubungaza indima yabantu besifazane ekukhululeni iNinigizimu Afrika.

_____________________________________________________________________________

South African women still face great challenges as our society largely remains patriarchal. This is inconsistent with the country’s developmental ambitions and denigrates the immeasurable role that women have played in the country’s development.  This ode by a group of young people from Durban seeks to express the much deserved honour to all South African women.

Leave a Reply