Kuyihlaya khona ukuthi abanye amagama asuselwa ezidlalisweni thizeni zabantu abahlala kuleyo ndawo. Izindawo eziningi eThekwini ziqanjwe ngamagama abantu ababe nomlando othile khona njengoMashu oqanjwe ngomnumnzane uMarch, ezinye ziqanjwe ngamagama emvelo njengawo umfula uMlazi njalonjalo. Kepha ke eyaseZimpohlweni isuselwa ekutheni umuntu uyimpohlo. Impohlo nje ngamafuphi indoda engaganiwe eziphekelayo, eziwashelayo iphinde izihlanzele yona indlu. Phela kuyaziwa ukuthi indoda uma iganiwe ngokujwayelekile nje ayiziphekeli iyaphekelwa futhi iyawashelwa ngisho izimpahla. Ubumpohlo lobu busho ukuthi indoda izibheke yona, ubumpohlo ke abusho ukuthi uyisishimane, ngoba phela ungaganwa ekhaya ube nonkosikazi kodwa nje uma ungahleli naye ngenxa yokusebenza kude uphenduka yona impohlo impela uqobo lwayo!
Ehostela KwaMashu kunendawo ebizwa ngokuthi iseZimpohlweni ngoba phela kuzokhumbuleka ukuthi emahostela phambilini bekuhlala izinsiwa, amabhungu namadoda kuphela bengahlali nhlobo abesimame, lokho sekugcine kushintshiwe ngokuhamba kwezikhathi. Le ndawo yabe isiqanjwa ngokuthi kukwaMashu eZimpohlweni, kususelwa ekuthieni ihostela elihlala amadoda aziphekelayo aphinde azenzele konke ngakho ukuthi amakhosi awashiye emakhaya ahlala wodwa lapha ampohloze kahle. Igama ke uma like laqanjwa lendawo lihlala nayo indawo ngisho indlela okuphilwa ngayo lapho ingasafani, isishintshiwe kodwa igama lima njalo, ingakho namanje lisamile igama elithi eZimpohlweni ngisho sebehlala abesimame.
Ukubizwa ngempohlo lokhu akusilona igama eliyinhlamba noma elilumelayo ngoba kusuke kuzincokolelwa nje ngalo, kodwa ke uma umuntu elisho kumuntu omdala kakhulu kunaye embiza ngalo liyaba ngathi inhlamba ngoba kusuke kunokudelela phakathi lokho. Kepha nje uma uzincokolela nelinye ibhungu elingangawe kuba ihlaya lelo futhi kuwukukhuthaza ukuthi ayi ngathi seliyozilahla kunina indoda kumele iganwe manje ivuse umuzi kayise. Ingakho ke nalo leligama elithi KwaMashu eZimpohlweni laphuma kudlalwa kuncokola ngokuthi kuhlala izimpohlo khona laba ukuhlala kanjalo ke udu! Langaphinde laphela kubantu kwagcina sekuyigama eliqondile lale ndawo.