EMakethe

Usuke ungakafiki kwelikaBhanana uma ungakayiboni iMakethe eThekwini, kahle kahle nje akekho umuntu ohlala eThekwini ongayazi iMakethe. Phela eMakethe ila ezibondwe zashiywa khona. IMakethe lena iwusikompilo kwayona nje iyodwa, abanye bayibiza ngokuthi i- “Warwick Triangle”. Akumangazi ukuthi le ndawo inedumela futhi ihlezi igcwele abantu, abagcwali nje ngoba bezichithela isizungu kepha wonke umuntu ubheke into yakhe. EMakethe la akubantu izimpethu zendlovu impela, ngathi ibutho likaZulu. Uma ufika khona ekuseni nawe uyazibonela nje ukuthi wonke umuntu ufuna impilo khona, abanye bayathengisa izinto ngokuhlukahlukana kwazo kanti ke abanye bona basuke behlaba beya ezindaweni ezahlukahlukene lapho abasebenzela khona bezogibela izithuthi.\

Ngisho izivakashi ezivakashele eThekwini uzithola zihamba ngalamabhasi avuleke phezulu zibuka yona le ndawo zithwebula nezithombe ubona nje impela ukuthi zikuthakasele ukuba kule ndawo. Ezinye zezinto ezenza le ndawo ibe nesasa kangaka ukuthi kudayisa khona kakhulu izintu zesintu njengoba kunendawo yamakhambi nje la othola khona lonke uhlobo lwempande yokwenza umuthi, futhi akugcini ngalokho nje uphinde uthole nabo abalaphi bendabuko nezanusi ezikusiza uma udinga usizo lwesintu. Abathengisa la makhambi bawagawula emakhaya lapho abahlala khona bewathwale beze nawo khona eMakethe bezowadayisa. Phela kuyaziwa ukuthi azikho izihlahla zomuthi edolobheni kanti ke nabantu abakwazi ukuzigawulela ingakho bewalanda emakhaya bezowathengisa khona eMakethe.

Akugcini nje ngawo amakhambi esintu athengisa khona, kepha kukhona nabathengisa ngisho nangemvunulo, kanye nezimbadada zohlobo ngoba impela kushiyana ukwenza nakubo laba abazakhayo wonke umuntu ekhipha ubhozo efuna umsebenzi wakhe ubonakale kubantu. Kwabaningi indawo yaseMakethe inokuba khumbuza ekhaya, angithi ngisho inhloko le ethandwa kakhulu izinsizwa, amabhungu nabanumnzane iyatholakala khona futhi iphekwe nakahle ngendlela abayithanda ngayo. Akusibona abesilisa kuphela abadla inhloko, nabesimame sebeyazitika ngayo ungeke ubasole ngoba phela yehla esiphundu.

Leave a Comment