Dumakahle

Ngabe asibenzi ubulungiswa uma sidingida ezikaMaskandi singalithinti igama likaDumakahle. Phela lensizwa efike endimeni yomculo inganakekile kodwa bathe bevusa amehlo ontanga yakhe wabe esephakathi esephethe inhloko nesixhanti kulomculo. UDumakahle amagama akhe aphelele uMpilo Seluleko Nkosi. Kanti ke uzalwa intombi yakwaMasondo, ezinganeni zakwabo ungowesithathu ezinganeni ezine. Amabanga aphansi uwafunde eMadamu Primary School, ababanga aphakeme uwavunde eNgoje kanye nePhuzukubona okuyilapho aphothule khona umatikuletsheni, eNewcastle okuyilapho azalelwa khona.

UDumakahle yiciko elicikoza ngampela ngoba nendlela abhala ngayo ubhalo ngesintu lesi sasemandulo ngoba izingoma zakhe zinezaga, izisho, kahle kahle nje ziphelele azishodi ngalutho. Okuqaphelekayo ngazo izingoma zakhe zindala kunaye, ubhalisa okumuntu oseniminyaka emninginingi endimeni yomculo. Umculo wakhe uyaduduza futhi uyakhulisa, kanti ke nezingoma zehawu unazo. Uqale ukucula ngonyaka ka-2011 esesesikoleni lapho enza iDemo khona okuyiqoqo nje lwezingoma, kuthe ke emuva kokuqeda umatikuletsheni ngonyaka ka-2013, wabe eselibangisa eGoli eyozama ukuthola inkampani lapho angakwazi ukuqopha ngaphansi kwayo.

Ube nenhlanhla ke wahlangana nomuntu othanda indlela acula ngayo ngenkathi efika eGoli uMbongeleni Zulu waseVryheid, eZungwini owabe esemsiza ngokuthi aqophe icwecwe lakhe lokuqala ngo-2014, elisihloko sithi 1Day Is 1Day. Okumangazayo ngoDumakahle ukuthi ubezifela ngomculo weNdidane uMtshengiseni Gcwensa ngoba phela umculo wabo awufani, kahle kahle nje indlela abhala ngayo izingoma icishe ifane nokubhala kukaMgqumeni. Usekhiphe amacwecwe angaphezulu kwamane kusuka kulena ethi 1Day Is 1Day. Eyesibili yaphuma ngo-2016, eyayithi uMhayiwenkondlo, eyesithathu yaphuma ngo-2017, eyayithi Izw’elibi nalena ephume ngo-2020 esihloko sithi 21 Questions. Kanti ke useke wasebenza nanensizwa edume ngengoma ethi uVan Damme, uMroza Fakude.

Brief Overview

Dumakahle’s rise to popularity in the music scene is one that surprised many. While he has musical talent, the key to his songs is the storytelling. This musical prodigy is ahead of his time when one considers the wealth of the messages found in his songs. His music also holds appeal across genders and generations.

Leave a Reply