Izithakazelo ZakwaMlambo
Sishango sikaMabhendla Mabhendla eseNdlovane UMabhendla obaba njengoJobe kwaMahaqwabezi Nina bakaPhisa Sithole sasekhaya Mandeku! Shango! Nina bakwaVezi ozivezayo Mdineka! Nhlabathi! Manzi! Nina bakaNobanda ngomsasane Isihlahl’ esiband’ amagwala Nina bakaNtshikantshikana Etshikize phansi kweSandlwane Yabonwa ngabazingel’ bakoMfekana Bayibone ngamabheq’ ukusithela Nina bakaMbeng’ osind’ abosi Ngokubanzim’ eziko Nina bakaMakhokhoba ngenkom’ iyemhlangeni Wangen’ emhlangen’ engangombhuquzwane Waphum’ engangomthantekazi wesithole. By: Mbusiswa … Read more