Izithakazelo ZakwaMsimango

Nonkosi! Muthwa! Nina bakwaQenjwana ezimbili Esinye singezansi Esinye singenhla kwendlela Nothabizolo! Nina bakwaMzimb’ omuhl’ ongayiwa Mlotshwa kaNtumbeza kaNtazi! Sisho yena phela okaLwandle kaluwelwa Nina bakwaNkambo kaMkhuhlane Sihlangu esisind’ abetshathi baso Mbeng’ osind’ abosi Nina bakaKhukhulani sagida Owakhombis’ eminy imizi ukugida MaHlubi angelengele Muthi wezinkomo Mahlahlel inhloko zabafo Isisinde asisiphiki Ngoba kwehlulek’ amadoda Nina bakaNsinyana iphenduk’ … Read more

Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaNyawo

Mlaba! Ximba! Dumakude! Nyawo zeshongolol’ azibaleki, Umthandi wabantu bengamthandi Indumanduman’ edum’ ezizweni Hlath’ elikhulu elihlala lilil’ izingwe nezingonyama Langa likhanyisela bonke Wena kaSobhuza! Umlando wabo UNyawo kade akhe eJozini lapho wayehamba nabantu bakhe lapho ayengumholi wabo. Uthe uma esuka eJozini walibhekisa enyakatho nayo iJozini endaweni ebizwa ngokuthi iseHlathikhulu. IHlathikhulu iphakathi koPhongolo neBombo, indawo edume ngokuthi … Read more

Izithakazelo ZakwaMlambo

Sishango sikaMabhendla Mabhendla eseNdlovane UMabhendla obaba njengoJobe kwaMahaqwabezi Nina bakaPhisa Sithole sasekhaya Mandeku! Shango! Nina bakwaVezi ozivezayo Mdineka! Nhlabathi! Manzi! Nina bakaNobanda ngomsasane Isihlahl’ esiband’ amagwala Nina bakaNtshikantshikana Etshikize phansi kweSandlwane Yabonwa ngabazingel’ bakoMfekana Bayibone ngamabheq’ ukusithela Nina bakaMbeng’ osind’ abosi Ngokubanzim’ eziko Nina bakaMakhokhoba ngenkom’ iyemhlangeni Wangen’ emhlangen’ engangombhuquzwane Waphum’ engangomthantekazi wesithole. By: Mbusiswa … Read more

Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaNyandeni

Nyandeni! Ngonyama! Vumisa! Mntungwa Mashonana Khukhuza kaNgonyama Wena waseNdidaneni Galela wentuku ngokuthukuzela. Msongi wensimbi ayibeke ekhanda Umlando wabo: Abantu bakwaNyandeni badabuka kwaKhumalo, bangamaNtungwa- Nguni ngokwezigaba sabo uma sihlahla isizwe kubaNguni. Kukhona indawo eyayaziwa ngokuthi kuseMpangisweni, lendawo iseZwathi ngaseVryheid enyakatho yekwaZulu Natal, lapho kudabuka khona labantu bakwaNyandeni. UMzilikazi kaMashobane wathi uma efika ebuya ukohlasela abesotho, wafika … Read more

Izithakazelo ZakwaMbatha

Shandu kaNdaba! Mageba! Wena kaSontshikazi Owavimba ngezinkomo Abafokazana bevimba ngezihlahla. Magwaz’ aphindele njengezulu Wena kaNomngalele kaNtshele Ngokuthwal isala sensele UShandu akangakanani Ngoba nasentendeni yesandl; uyenela Ndabezitha! Manyosi kaDlekezele! Owaqed’ intondolo yembuzi kusa Nina basemaMbatheni Enabamb’ inyamazan’ engabambekiyo Neza koMkhulu senembeth’ isikhumba sayo Kwaze kwathiwa ningabakwaMbatha Ngoba nambath’ uZul’ ehambaze Dladla! Nina bakaGubuzel’ umuntu ngehemu lakhe … Read more

Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaMpungose

Phahla! Ndlovu kaKhuba! Gawozi kaSilwane! Mnukwa kaTetema! Ngowuza, Nina bephahla elinhlokonhle, Wena wendlov’ enamandla, Khuzwayo! Nkomo zadl’ ekhaya Ngokweswel’ umelusi! Zaze zeluswa nguDembezane Intombazan’ encane. Wena kanoMasikisiki Wena wenyoni eyasindwa yisisila sayo, Sgqoza esimlom’ ubomvu sikaMbuyazwe, Mdungwane ongalo incane. Umlando wabantu bakwaMpungose Imvelaphi nomlando wabantu bakwaMpungose uveza ukuthi badabuka esibongweni sakwaZungu. UPhahla kwakuyindoda yakwaZungu, yena … Read more