Izithakazelo ZakwaSithole

Jobe! Mondisa! Phumela phandle ngoba kufudumele Matshana! Mhlakaza nhlansi zingamshisi Ziyoshis’ abalondolozi Maphitha! Mthembu waseGubazi AbaThembu bengabakwaMvelase Ngqikazi zimnyama zingamankankazana Nyama kaMaqoqo Abayidla beyidonsisana Nina bakaMgidi wekhohlwa Nina bakaThakazelwayo Nina bakaMqolo Owadl’ omuny’ umqolo Nina bakaDidiz’ umkhaba Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe Lwandl’ oluhambezintabeni Nina baseQhudeni Jozana olubomvan’ olundakandakana Qomond’ olumantinyane Olubuk’ umuntu lumethembise Sengathi luzomakkhel’ … Read more

Izithakazelo Nomlando WakwaZondi

Izithakazelo Zondi! Nondaba Gagashe! Luqa! Tetane! Lusibalikhulu! Nhlabisile kaGinindza kaNjapha KaNomaphindela kaNokhuva kaNdokoshe kaSidukuduku! Gasa ngokugasela izizwe Jangeni kaBhambatha kaMancinza Maguduzela owaguduzel’ izihosha nezihosha! Mabonw’ abulawe njengenyamazane! Mpunyumpunyu bemphethe Dudul’l amaBhunu Shibase! Umlando wabo Abantu bakwaZondi badabuka eSwazini kwisizwe sikaMmbo. LoZondi indodana kaLusibalukhulu yakhona kwaDlamini, yazala uNhlabintshiseko lona owagcina esenguZondi. UNhlabintshiseko kuthiwa waxabana nodadewabo, owabe … Read more

Izithakazelo ZakwaSibisi Nomlando Wabo

Izithakazelo Sibisi! Mahlase! Wen’ obhincis’ umuntu ngojojo Abanye bebhinca ngobuhlalo nobusenga Gumede! Izibisi zikaSishaka Mlom’ obomvu namachwane azo Bhovugana! Izingubo zokwembatha zikaZulu ezidla uselwa. Onkomo inezitho ezinhlanu, othanda ukuhlephula kwasayo kodwa kungapheli. Wen’ osilevu side singange sempongo. Izibisi zomshayi wodaka kuvele amanzi, kwavela uPhongolo Mlotshwa! Mncube! Nomashila kaMbango Nsuku kaMagawula Mavela! Nina bakwaZith’ ezinhlanu Othandayo … Read more

Izithakazelo Nomlando WakwaSibiya

Gumede kaNdaba, Nina bakaSotobe kaMpangalala, Gazu kaZembethe, Mandondo, Yotho. Mgxebe, Khathi! Manyelel’ intomb’ iyesokeni. Sibiya obiya ngezinkomo Abafokazana bebiya ngamahlahla, Nina bakwankom’ isengelw’ emaweni, Ingasengelw’ esibayeni kakuyona eyakhona. OSibiya baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba. Kulendlu uNdaba wazala uGumede, owazala uZingelwayo noZembethe. UZingelwayo noZembethe bazalelwa emzini kayise uNdaba KwaMpokoloshe, owayakhe ngaKwaNobamba. Lamadodana kaGumede aba neziphiwo ezahlukene. … Read more

Izithakazelo ZakwaRadebe/Hadebe

EsiZulwini into iyanconywa, lokhu ngenye yezindlela abantu baKwaZulu abakhule beyazisa. Ukuncoma noma ukubonga kukhonjiswa ngezindlela eziningi njengokuthakazelela lowo. Ukudlodlobala kwesizwe samaZulu kuhlanganisa izimpi ezazibakhona lapho babehlasela khona ezinye izizwe bese zingena ngaphansi kwabo noma uma umfana ekwaluseni akwazi ukusindisa imfuyo esilwaneni ebesiyihlasela lokho obekukhomba ubuqhawe. Lesisenzo bekuyaye sidume endaweni yonke kuthi izimbongi zimhashe lowo osuke … Read more